Akazutholakala kalula uVan Wyk kwabamhalelayo
Umdlali wasesiswini weStellenbosch FC u-Antonio Van Wyk ngeke atholakale kalula eqenjini elimfisayo.
Lo mdlali osemncane kodwa okhombisa ukuba nekusasa eliqhakazile ebholeni, usenkontileka eyoze iphele ngo-2025 kwiStellies.
UVan Wyk, oneminyaka engu-21, ukhula ngendlela emangazayo eqenjini leStellies kusukela ekhushulelwe eqenjini elikhulu.
Ukudlala kahle kwakhe sekumenze inyama kwamanye amaqembu abona engaqina kahle uma engathola yena.
Kulawo maqembu kukhona nezinkunzi zaseSoweto i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs, kanti neleMamelodi Sundowns igama liyavela kancane.
Njengoba likhula isasasa ngalo mdlali, imenenja yakhe, uLance Davids seyicacisile ngekusasa lakhe.
UDavids ukuqinisekisile ukuthi lo mdlali wasesiswini waseStellenbosch usalelwe ngomunye unyaka kwinkontileka yakhe.
“Okwamanje, akukho lutho (olubekwe etafuleni ngabamfunayo).
“Usalelwe unyaka enkontilekeni yakhe. Ngakho noma ngubani omfunayo kuzomele akhokhe.”
FUNDA NALA: Uyayixwaya iBafana ‘elimele’ umqeqeshi weNamibia
Kubikwa ukuthi umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro usecele abaphathi beqembu ukuthi benze noma yini abangakhona ukuyenza ukumtholela lo mdlali.