DStv PremiershipEzintsha

Akakhokhelile ngisho ingane esikoleni okweletwa yiSwallows 

UKagiso Malinga, obengumdlali weMoroka Swallows, akanaso isiqiniseko sokuthi uzoyithola yini imali yomholo kaDisemba ayikweletwa yileli qembu. 

Ube ngomunye wabadlali asebegxume bashiya kwiMoroka Swallows ngoba ibingasamholeli ngendlela okwakuvunyelwene ngayo.

Leli nxele selijoyine iGolden Arrows, futhi unethemba lokuthi impilo izoqala kabusha ngemuva kokuphuma kabuhlungu kwiSwallows. 

Engxoxweni abe nayo neSowetan kuleli sonto, uKagiso Malinga – oneminyaka engu-28 – uvule isifuba ngengcindezi anayo njengoba engazange awuthole umholo wakhe kaDisemba.

“Bese kuyinjwayelo ukungaholi kwami ​​futhi bese ngivele ngidelile, ngifuna ukuphuma laphaya,” kusho uKagiso Malinga.

“Bengifuna ukushiya ngoba lento ebeyenzeka beyicindezela mina nomndeni wami, savumelana ngokuthi bangidedele ngihambe.” 

“Angazi (noma bazongikhokhela), kodwa kulungile. Ngizobona abakwenzayo, kodwa akuthembisi.

“Kubuhlungu ngempela manje. Ngicindezelekile ngoba manje indodakazi yami isishintshe isikole. 

“Ngidinga ukukhokha imali yokubhalisa, imali yesikole, izincwadi zokubhala nomfaniswano. Kodwa anginalutho nhlobo.

“Ngakho-ke, kuyinto engqilaza umqondo nsuku zonke, kodwa sizobona uma isikhathi siqhubeka.”

UKagiso Malinga ubengumdlali ojwayele ukuqala imidlalo kwiSwallows.

Ubesedlale imidlalo engu-80, washaya amagoli ayisikhombisa kusukela ajoyina leli qembu ngo-2020. 

Kunezinsolo zokuthi uMalinga ubeyingxenye yabadlali abatelekile okwenza iMoroka Swallows ingakwazi ukudlala imidlalo emibili yeDStv Premiership ngoDisemba. 

Leli qembu lihlawuliswe u-R1 million yiPremier Soccer League, lalengiswa u-R600 000 izinyanga ezingu-24.

Yize kunezinselelo zakamuva kodwa uMalinga usenethemba lokuqeda konke nei-Arrows maduze ukuze aqhubeke nempilo. 

“Ngeke ngikwazi ukukhuluma okuningi manje ngoba angikasayini lutho. 

“Ngisaziqeqesha nabo futhi wusuku lwami lwesibili ngilapha,” kusho yena.

“Ngiyethemba ukuthi (kuzokwenzeka maduze) ngoba nami ngifuna kwenzeke. Kuyathembisa.”