Usinde ngokulambisa uHughton weGhana besho ukumqeda
Umlandeli obedinwe egane unwabu uzame ukushaya umqeqeshi waseGhana uChris Hughton ngemuva kokuhlulwa kwabo emdlalweni wokuqala kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ngeSonto.
Lesi siwengu sibe neshwa ngoba izinhloso zaso ezimbi azifezekanga, kwaba yiso esigcina sizithola sisekhulukuthu.
IGhana ishaywe ngo 2-1 yiCape Verde okungelinye lamaqembu athathwa ngokuthi mancane kulo mqhudelwano.
Kube ngumphumela oshaqisayo lona futhi abalandeli beGhana bakuvezile ukungagculiseki kwabo ngomqeqeshi.
UChris Hughton uhlaselwe ehhotela la kuzinze khona iqembu ngesikhathi bebuya emdlalweni.
Nokho lo mlandeli obemhlasela usheshe wanqandeka, kungenelela izikhulu zezokuhepha.
Kuthiwa lesi siwengu simchaphe ngezinhlamba ezinyantisayo ngaphambi kokuzama ukuzifikela mathupha kuye.
Bese kungokwesibili iGhana ihlulwa yiqembu elidelelekile kusukela kuthathe uChris Houghton ekuqeqesheni.
NgoNovemba iGhana yashaywa yiComoros emdlalweni obalulekile wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.
“Sidumele ngendlela emangalisayo, siphoxeke kakhulu ngomphumela. Size emdlalweni necebo lokunqoba,” kusho uChris Hughton esithangamini nabezindaba.
“Siyishintshile indlela yokudlala kancane ukuze siqale kahle sihamba phambili ngomdlalo.
“Iqembu eliqale ngalo umdlalo bekuyiqembu elihlaselayo. Lokhu bekuyinhloso yethu.
“Ngicabanga ukuthi kusihlukumezile ukungenelwa igoli (lokuqala) esalidedela kodwa ngacabanga ukuthi sibuyele emdlalweni.”
IGhana ibisalele ngemuva kwemizuzu engu-17 emdlalweni ebibhekwe ngabomvu kuwo futhi ibophele iqembu eligcwele abadlali abazinze emaqenjini ase-Europe.
Ibuyelile emdlalweni esiwombeni sesibili kodwa kwathi umdlalo usuphela, kwaqhamuka uGarry Rodrigues wayephula izinhliziyo.
“Kuleso sigaba (ngesikhathi iGhana ilinganisa) bekubukeka sengathi singaqhubeka sigcine sinqobile.
“Siphoxeke kakhulu ngomphumela. Futhi ngiyazi, nalaba badlali bayazi ukuthi abantu baseGhana bawubona kanjani lo mdlalo.”
UHughton wayedlalela i-Ireland ngezikhathi zakhe kanti uyise ungowokudabuka eGhana.
OLUNYE UDABA: INamibia iqansisele iBafana umsebenzi kwi-Afcon
Uqale ukuqeqesha iGhana kusukela ngoMashi. Unqobe imidlalo emine kwengu-11 kusukela eqale lo msebenzi.