Afcon 2024Ezintsha

U-Onana ubesho ukumqeda uSong emshaya ngomzimba

Cishe u-Andre Onana belindele ukwamukelwa njengesihlabani, ashayelwe izandla uma esefiak ekhempini yeCameroon e-Ivory Coast.

Lo nozinti ovimba kwiManchester United uthathe indiza ekhethekile, ehamba yena yedwa esuka e-England ebheke e-Ivory Coast ngeSonto.

Ubelindele ukufika e-Ivory Coast ngaphambi komdlalo wokuqala weCameroon kwiCaf Africa Cup of Nations obuse-Abijan ngoMsombuluko ntambama.

Nokho ngenxa yesimo sezulu, indiza yakhe ibambezelekile, waze wafika sekusele amahora ambalwa umdlalo uqale.

Esikhundleni sokuthi ashayelwe izandla, anconywe ngookuthi ugcine efikile bese ephonselwa ijezi, uthole isimo sisibi.

Umqeqeshi, uRigobert Song kuthiwa akafunanga ngisho ukukhuluma naye, waziqokela omunye unozinti ukuthi aqale umdlalo.

Kuvela ukuthi uSong umzibe sengathi wumuntu angakaze ambone nakwamadala eJudeni u-Onana okuyinto emcikile lo mdlali.

Kube sekusuka isidumo ke u-Onana esho ukuzifikela mathupha kuSong efuna ukumhlubula ngesibhakela. 

Ngokwemibiko, kusize inkakha yeSenegal, u-El Hadji Diouf obiyisimenywa kulo mdlalo okunguye ogcine elamula.

Ngemuva kokukhuluma naye kahle u-Onana, kuthiwa ugcine ewehlisa umhlwenga, wavuma ukuthi uzobuye axoxe noSong sekwehle imimoya. 

Akukacaci ke ukuthi yisiphi isinyathelo esizothwathwa ngalo nozinti okhombise ukungayihloniphi iCameroon.

IManchester United kuthiwa yavuma ukumdedela ukuba aye kwi-Afcon, kodwa kwanguye othi uzohamba sekusondele izinsuku zomqhudelwano.

Ubesenkundleni edlalela iMan United ngoMgqibelo ngesikhathi ibambana neTottenham Hotspur ngo 2-2 emdlalweni weligi. 

Kuzokhumbuleka ke ukuthi bekungekhona okokuqala u-Onana egila izimanga ekhempini yeCameroon.

Nakwi-Afcon edlule eyayisekhaya ngakubo, wagcina edubile ngoba bebanga indlela uSong afuna adlale ngaye ethi yena ayihambisani nesitayela sakhe.

USong wayefuna asuse amabhola amade emuva, wathumele phambili kuVincet ABoubaker.

Lo nozinti wathi yena ufuna ukulisusa alinike izitobha, baqale iminyakazo besuka emuva, baxabana ukufa ke noSong.