INamibia iqansisele iBafana umsebenzi kwi-Afcon
UDeon Hotto we-Orlando Pirates ube yiqhawe esiza i-Namibia inqobe umdlalo wayo wokuqala kwiCaf Africa Cup of Nations (Afcon) ngoLwesibili ebusuku.
Igoli likaHotto – enqobe ngalo ngo 1-0 i-Namibia – lingene sekusele imizuzu embalwa umdlalo uphele.
Uhlangane nebhola ebeligotshe uBethuel Muzeu ngakwesokudla, wazishiya zithithiza sengathi olamthuthu benethiwe isitobha zeTunisia, walinamathisela enethini ngekhanda.
Abevele amathuba amaningi kulo mdlalo evuna yona iNamibia futhi ukaputeni wayo, uPeter Shalulile ube neshwa ukuthi agcine ehlulekile ukubhakuzisa inethi.
Ngaphambi kwalo mdlalo, inkakh yaseZambia, uKalusha Bwayla ubekhiphe umlayezo enxenxa amazwe aseningiziku yezwekazi ukuthi azimisele kulo mqhudelwano.
Inizimu ye-Afrika imelwe yiZambia, iNingizimu Afrika, Namibia, iMozambique neTanzania.
IMozambique nayo ibuyise ithemba ibambana ne-Egypt ngo 2-2 nakhona kunokukhala ukuthi ibanjwe ngophondo.
“Uma ubheka, iMozambique idlale kahle kakhulu,” kusho uBwayla owayedlala kwiChipolopolo ngezikhathi zakhe.
“Ize yabanjwa ngophondo kubekwa iphenathi engekho, ukube ayibanjelwanga leya phenathi beyizowunqoba lowa mdlalo.
“Abadlali bethu kuzomele badlale ngokuzimisela,” kuchaza uBwayla.
Ube eseluleka neBafana ngendlela engadlula ngayo kwiMali ezobhekana nayo ngoLwesibili ngo-10 ebusuku.
“Abadlali abafana noPercy Tau noThemba Zwane kuzomele babajike abadlali beMali,” kusho yena.
“Uma bezama ukusebenzisa izikhwepha kakhulu ngeke balunge. Kodwa uma bebajika bazovuleka emuva, bathole amathuba okushaya amagoli.”
Njengoba iNamibia inqobile nje, isivulele inselelo kwiBafana enayo eqoqweni elilodwa ukuthi nayo yenze okufanayo kwiMali.
OLUNYE UDABA: U-Onana ubesho ukumqeda uSong emshaya ngomzimba
Amaqembu amabili azoqeda phezulu eqoqweni azoziqinisekisela ukuthi adlulela emzuliswaneni womkhumulajezi.