Ubhampile u-Onana, akakwazanga ukufika koweCameroon
Igcine ingaphumelelanga imizamo kanozinti weCameroon, u-Andre Onana njengoba ejahe ukufica umdlalo wokuqala waleli qembu kwi-Africa Cup of Nations.
ICameroon izodlala umdlalo wayo wokuqala kulo mqhudelwano ose-Ivory Coast ngoMsombuluko la izobhekana khona neGuinea.
U-Onana – ovimba kwiManchester United kwi-English Premier League – ubecele ukufika ngemizuzu yokugcina ekhempini ye-Indomitable Lions.
Lokhu bekungenza yokuthi ubefuna ukudlala kwiMacnchester ngesikhathi ibhekene neTottenham Hostspur ngeSonto.
Udlalile futhi wangenelwa amagoli amabili bebambana ngo 2-2 neTottenham, wabe esebamba indiza ebheke e-Ivory Coast.
Ubehamnba ngendiza eqashelwe yena kodwa kuvela ukuthi imisiwe sekusele amakhilomitha angu-240 ifike la kudlalwa khona.
Lokhu bekungenxa yesimo sezulu esingesihle. U-Onana kubikwa ukuthi ube esezama ukuthatha imoto washayela ezama ukukhava isikhathi.
Nokho kubukeka egcine ehlulekile njengoba umqeqeshi weCameroon, uRigobert Song eqale umdlalo ngoFabrice Ondoa.
Isenzi sika-Onana sokufuna ukusala ngemuva ngesikhathi iqembu liya ekhempini asehlanga kahle kwabanye eCameroon.
Bamsole ngokuthi uzibona engcono kunabanye abadlali ngoba nakhu evimba eqenjini elikhulu.
Nakwi-Afcon edlule lo nozinti wagcina edubile, washiya phakathi nomqhudelwano ngoba engazwene nomqeqeshi.
Wasola uSong ngokuthi indlela afuna bedlale ngayo ayihambelani nesitayela sakhe, yena ufuna badlale ibhola ngokuqala iminyakazo besuka emuva.
Wathi ngeke yena avele ajikijele ibhola phambili ngethemba lokuthi lizowela kumdlali wangakubo.
Bahilizisana noSong wagcina eshiyile, wathi useyaliyeka ibhola lamazwe ngamazwe.
OLUNYE UDABA: Amkhombe indlela AmaZulu umdlali obesolwa ngokuhlupha
Kodwa wabuye wabuya njengoba kade ekhona nje emidlalweni yokuhlungela yona i-Afcon neNdebe yoMhlaba.