Ayanda amaqembu ngabaholeli abadlali kwi-PSL
Sekuvele elinye iqembu lePremier Soccer League (PSL) elingene ehlazweni lokungabaholeli abadlali balo.
Kuthiwa iBaroka FC, edlala kwiMotsepe Foundation Championship ibaholele imali engaphelele abadlali nabanye abasebenzi beqembu ngoDisemba.
Ngokubika kweSowetan, kunabadlali asebephumele obala becela usizo ngalokhu kungaholi, kodwa bacela ukuba bangadalulwa.
Bathi basabela ukuthi bazoba yizisulu, mhlawumbe bagcine bexoshiwe uma beziveza esidlangalaleni ukuthi yibo ababhoboze leli thumba.
Nokho abaphathi beqembu kuthiwa bayaphika, bathi imali iphelelile kuwukuthi ikhokhwe izikhawu ezimbili ezehlukene.
Kuvela lezi zindaba ezingezinhle nje iBaroka isethubeni elihle lokubuyela kwiDStv Premiership ngesizini ezayo.
Iqede umzuliswano wokuqala weligi kwiChampionship isendaweni yesithathu, isele ngamaphuzu amathathu kuphela eqenjini eliseqhulwini.
Eqhulwini kuhleli i-Orbit College yaseNorth West enamaphuzu angu-30 kanti iBaroka inangu-27 yona.
“Kunzima kakhulu mfowethu ngoba izingane zethu kumele zibuyele esikoleni manje kodwa asinayo imali ngoba sithole u-50% womholo wethu ngoDisemba.
“Iqembu lithembise ukuthi lizokhokha u-50% osele ngoJanuwari 5 kodwa alikakakwenzi lokho,” kusho umdlali wokuqala ocele ukungadalulwa.
Umdlali wesibili naye udalule usizi lwakhe lwezezimali oludaleke ngenxa yalokhu kuhola imali engaphelele.
IBaroka inayo imali, kugcizelela isikhulu
“Isabelomali sami siphazamisekile manje ngoba bekumele ngimbe emalini engiyongile ukuze ngikhokhele imoto nerenti.
“Satshelwa ukuthi ngoJanuwari 5 sizoyithola imali yethu kodwa iqembu alikakakhokhi.
“Balokhu besitshela ukuthi abaxhasi babo abakabakhokheli ngakho akukho abangakwenza.
“Kodwa amahlebezi athi abaxhasi sebekhokhile, ngakho bayasidlala nje,” kusho umdlali wesibili naye ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe.
Imenenja yeBaroka, uRichard Mashabane, ukuphikisile lokhu, wagcizelela ukuthi wonke umuntu ukhokhelwe.
“Sikhokhele bonke abadlali nawo wonke umuntu osebenza ekilabhini. Angazi ngempela ukuthi lokhu kuvelaphi.
“U-50% wokuqala sawukhokha ngoDisemba 20 kanti omunye sawukhokha ngoDisemba 30,” kusho uMashabane.
ISowetan ibone ingxoxo okuthiwa iphuma kuMashabane eyazisa abadlali ngenselelo yokukhokhela amaholo aphelele.
Ithi kungenxa yokuthi abaxhasi beqembu badlulise izimali ngokuhamba kwesikhathi kunalokho obekulindelwe.
“Abaphathi babona sengathi ngeke kulunge uma uya kuKhisimusi ungaholile,” kufundeka lo myalezo.
Ebuzwa ukuthi kungani bekhokhe izitolimende ezimbili, uMashabane uthe abafuni abadlali basebenzise yonke imali budedengu ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi.
Ugcizelele ukuthi iBaroka ayikho esimeni sokuntula izimali.
“Khumbula ukuthi abadlali bethu abaningi bangaphansi kweminyaka engama-23, ngakho besicabanga ukuthi ngeke sikwazi ukubanika yonke imali ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi…
“Asinazo ngempela izinkinga zemali,” kusho uMashabane.
OLUNYE UDABA: UHugo Broos usola uRulani ngokumsebenzisa kabi kwiBafana
Ngenyanga edlule iMoroka Swallows yehlulekile ukuhlonipha imidlalo emibili ye-PSL ngesikhathi abadlali bayo benqaba ukudlala bengaholile.