Amkhombe indlela AmaZulu umdlali obesolwa ngokuhlupha
AmaZulu FC asekhiphe isitatimende eqinisekisa umdlali wesibili okhululiwe kuleli qembu njengoba kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali kwiPremier Soccer League (PSL).
Leli qembu eligijima kwiDStv Premiership futhi elizinze eThekwini, likhulule uTercius Malepe ngesonto eledlule.
Lathi lokhu kwenzeke ngemuva kokuvumelana phakathi kwalo mdlali neqembu.
Kube sekuvela ke ukuthi uMalepe ushiya AmaZulu nje yingoba kukhona okuvelayo phesheya la angase ayoqhukuza khona.
NgoMsombuluko leli qembu limemezele ukuthi seliphinde lakhulula omunye umdlali.
AmaZulu athe ubudlelwano bawo noSibusiso Mabiliso sebuphelile ngokuvumelana kwezinhlangothi zombili.
Izizathu ezenze kuhlukanwe azivezwanga kodwa kuyinto eyaziwayo ukuthi lo mdlali ubengomunye walabo abahluleka ukuziphatha.
Impempe ike yabika ukuthi lo mdlali uke wanyamalala isikhathi esingangenyanga eqenjini engabikile ukuthi uyaphi.
Kodwa kwathi uma kubuzwa isikhulu esibhekelele abezindaba kuleli qembu, uPhilani Ndlela wathi ubenikwe ikhefu ngoba elimele.
“Mina engikwaziyo, engikuzwe ngemenenja yeqembu wukuthi lowo mdlali akekho ngoba elimele,” washo kanje okhulumela AmaZulu, uPhilani Ndlela.
NgoMsombuluko leli qembu libonge uMabiliso, lathi limfisela okuhle lapho ezogcina eye khona.
“Ngemuva kwezingxoxo ezinzulu nokuvumelana kwezinhlangothi zombili, sesinqume ukwehlukana.
“Siyakubonga ngezinkumbulo ezingasoze zalibaleka futhi sikufisela okuhle esahlukweni esilandelayo sempilo yakho,” abhale kanje AmaZulu esitatimendeni.
UMabiliso ucashunwe ebonga abaphathi beqembu ngokumnika ithuba lesibili eqenjini.
OLUNYE UDABA: Ayanda amaqembu ngabaholeli abadlali kwi-PSL
Ubebuyele kuMaZulu esuka kwiKaizer Chiefs agcina exoshiwe kuyo ngakho belu ukuhluleka wukuziphatha ngendlela elindeleke kumdlali wezinga elikhokhelayo.