DStv PremiershipEzintsha

Akanankinga owenkulisa yeChiefs nokwakha kabusha

Ukwenyuselwa kwabadlali ababili uDonay Jansen noMfundo Vilakazi eqenjini elikhulu leKaizer Chiefs kungase kuphazamise izihlelo zeqembu lenkulisa elidlala kwiDStv Diski Challenge (DDC).

Kodwa umqeqeshi uVela Khumalo ukholwa wukuthi usenalo iqembu elizokwazi ukuncintisana namanye kulesi sigaba esibhekelele ukukhuliswa kwabadlali abasebancane. 

Uthi basangakwazi ukuqhubeka nomkhankaso wabo wokufuna ukudla isicoco kulesi sigaba.

UJansen noVilakazi babonakale bengekho emdlalweni weKaizer Chiefs weDDC ibhekene neChippa United ngempelasonto.

Idlale ngokulingana ngo 2-2 emdlalweni obuseTsakane Stadium ngoMgqibelo odlule.

Laba babambe elikhulu iqhaza eqenjini leKaizer Chiefs leDDC. UJansen ubalwa nabashayimagoli abahamba phambili ngamagoli kulo mqhudelwano.

UVilakazi yena ubelokhu eqhulula amagoli aphinde akhele nozakwabo amathuba okushaya amagoli. 

Phezu kokulahlekelwa uVilakazi noJansen, oPuso Dithejane no-Omega Mdaka balishiyile leli qembu kulandela ukumiswa kwabo nyakenye.

Njengoba kunezinguquko eziningi uKhumalo uphoqelekile ukuthi ahlanganise iqembu elisha.

Kodwa ujabule ngendlela izinto ezihamba ngayo ikakhulukazi ngemuva komdlalo wezakhe neChippa.

“Kungenzeka (ukuwina iligi) uma ubheka ukuthi amanye amaqembu enza kanjani. 

“Ngakho, konke kungenzeka,” kusho lomqeqeshi wenkulisa yeKaizer Chiefs ekhuluma nabePhakaaathi.

“Umdlalo ube muhle uma sibheka ukuthi siqala kabusha futhi sizama ukubahlanganisa, ngemuva kokuhamba kuka-Obrigado (Vilakazi) noDonay abathathwe yiqembu elikhulu.

“Futhi khumbula ukuthi noPuso noMdaka (abasekho), ngakho yiqembu elisha ngokuphelele elidinga ukuqonda ukuthi sifuna ukudlala kanjani.”

Ekhuluma kabanzi ngokukhushulwa kwabadlali bakhe, uKhumalo ugcizelele ukuthi ukuthola abadlali abazobizelwa eqenjini lokuqala yikona okubalulekile kulo msebenzi wakhe.

“Kuhle ukuthi abadlali bethu bayakhushulwa, ngijabule. Empeleni yilokho esiyikho, ukuthuthukisa abadlali. 

“Uma ubabona beya eqenjini elikhulu, kuyasikhuthaza lokho futhi kwenza siwubone umphumela womsebenzi wethu. 

“Sengike ngabalula phambilini ukuthi iningi labadlali engisebenze nabo bazokhushulelwa eqenjini elikhulu. 

“Eqenjini engaqala ngalo, angisenaye u-Aden McCarthy, uMduduzi Shabalala, uWandile Duba, uSamkelo Zwane manje sekungo-Obrigado noDonay. 

“UPuso noMdaka nabo abasekho. Amaphesenti angu-90 eqembu asehambile, manje sekumele ngiqale phansi ngihlanganise iqembu.”