EzintshaMotsepe Foundation Championship

UKadodia wangibambisa udonga, kusho uHeric 

Omunye wabaqeqeshi abazakhela igama ngokusiza amaqembu asuke kwiMotsepe Foundation Championship anyukele kwiDStv Premiership ukhala ezimathonsi ngoFarouk Kadodia.

Lo mqeqeshi, uVladislav Heric uhlabe usihlalo weMaritzburg United, uFarouk Kadodia ngokuthi wambambisa udonga.

Ekhuluma neMpempe muva nje, uHeric uveze ukuthi wagcina ethe usazocabanga bese ebuyela kuFarouk Kadodia ngomsebenzi wokubuyisela leli qembu kwiPremiership.

“Wangifonela enginxusa ukuthi ngizomlekelela kwiMaritzburg United njengoba efuna ukubuyela kwiDstv Premiership,” kulanda uHeric.

“Angibanga nayo inkinga ngalokho. Kodwa ngathi ngicela anginike isikhathi ngicabangisise kahle bese ngibuyela kuyena.” 

Uthe into eyayimenza adinge isikhathi kuhle kwentommbi yeshelwa yisoka elithandayo nezoliqoma wukuthi wayengenelisekile ngemali eyayibekwe etafuleni. 

Kodwa ke uFarouk Kadodia wabe esenzisa okomfana wePolo, wadlulela phambili wafike wakuthola lokhu ayekufuna. 

“Into eyayingikhalisa kakhulu yimali encane ayeyibeka etafuleni. Ngathuka ke sengibona kwabezindaba ukuthi sekunomqeqeshi amsayinile.

“Ngibona ukuthi uKadodia akathembekile, uyazi naye ukuthi akakhokhi, kumele ucabangengisise uma ngabe uzothatha umsebenzi wakhe.”

Yize ebabaza lesi sehlakalo asigilwe uKadodia, u-Heric usedlulile kuso futhi uthi kunomunye umsebenzi azibheke kuwo. 

“Njengamanje kukhona omunye umsebenzi engiwubhekile ongcono kwiDstv Premiership.

“Kodwa ngisalinde ucingo oluphuma kumphathi weqembu,” kusho uHeric okumanje usahlezi ekhaya.

“Wathi angilinde  abone ukuthi ngabe isimo esikhona eqenjini siyalungiseka noma cha.” 

UHeric, ongowokudabuka eSerbia, usesebenze emaqenjini amaningi ehlukene kuleli phambilini okukhona kuwo yona iMaritzburg neChippa United.