DStv PremiershipEzintsha

Sisabhibha kuLebo Mokoena isilonda asilimala kwiDowns 

Owayengumdlali we-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns, uLebo “Cheeseboy” Mokoena, usanesilonda esibhibhayo ngokwamehlela esadlala kwelinye lalamaqembu. 

Uthi umoya wakhe awukavumi namanje ukuthi akudlulise okwemehlela edlala kwiSundowns eminyakeni ecela eshumini edlule.

Ngokusho kwalo mdlali owabeke ethala esedlala kwiMoroka Swallows amakhokho, waqilwa yisikhulu seSundowns uYogesh Singh.

ULebo Mokoena uthi yize enayo indondo ekhombisa ukuthi wayekhona eqenjini linqoba iCaf Champions League ngo-2016 kodwa ayimjabulisi kangako. 

“Sasijima njalo kuhamba kahle kakhulu,” kusho uLebo Mokoena owayedlala kuleli qembu ngaphansi kukaPitso Mosimane.

“Sasiphinde sihlaziye nemidlalo yalamaqembu ayeyizimbangi zethu afana no-Al Ahly, Raja Casablanca, TP Mazembe.

“Kodwa ke kwathi ngokusu lokugcina, sasala ngaphandle kubadlali abazodlala kukwiCaf Champions League… 

“Badlala abafowethu futhi bayinqoba iChampions League, kodwa mina njengomdlali ngangifuna ukuyijulukela. 

“Kodwa ngikhala ngoYogesh Singh owaba yiqili, engasitsheli lonke iqiniso, ngokuthi asizoba yinxenye yabadlali abazodlala kwiChampions League. 

“Mina ngangike ngadlala kkwiChampions League ngisekwi-Orlando Pirates, manje ngase ngiyiqonda kahle indlela yalo mqhudelwano.

ye Champions League, ngayithola phela indoda  njengomdlali we Mamelodi Sundowns FC, kodwa namanje ayinginamisanga.” 

ULebo Mokoena kumanje akanalo iqembu adlala kulo kulandela ukushiya kwakhe kwiSwallows kulandela izinkinga ezibe khona. 

Njengoba eseneminyaka engu-37, sekunzima ukuthi engabuye athole elinye iqembu azodlala kulo.

Nokho yena ubengakakumemezeli ukuthi useyawaphanyeka ethala amakhokho akhe. 

Uqale ibhola lakhe kwiPirates ngesikhathi esifanayo noJoseph “Duku-Duku” Makhanya, Gift “Vum-Vum” Leremi noBenedict “Tso” Vilakazi.