DStv PremiershipEzintsha

UThabo September uyijabulele inselelo yeChippa exoshanayo

Uyavuma uThabo September ukuthi abasondelene naye bebemanqika ngesinqumo sakhe sokuvuma umsebenzi wokuyoqeqesha iChippa United.

Ngesikhathi kumele ngabe labo abasondelene naye bayagxumagxuma yinjabulo yokuthi uthole umsebenzi wakhe wokuqala wokuqeqesha esigabeni esikhokhelayo, baveze ukungeneliseki.

Akulula ke ukubasola kwazise iChippa inegama elibi lokusheshe iphelelwe yisineke kubaqeqeshi bese ibaxosha.

UThabo September uqashwe kuleli viki ukuba azocija iChippa ngokubambisana noKwanele Kopo, begena esikhundleni sikaMorgan Mammila.

UMammila yena wenyuselwe esikhundleni sokuphatha ithimba labaqeqeshi kulo leli qembu elizinze e-Eastern Cape. 

“Ngiyazi ukuthi ngengenzeka (ngixoshwe ngokushesha) uma izinto zingahambi ngendlela,” usho kanje kwiSowetan uThabo September.

“Kodwa nginethemba lokuthi ngizokwengeza okuthile okubalulekile eqenjini, ngisize ukufeza inhloso yalo yokuvika izembe.” 

IChippa iqede umzuliswano wokuqala isendaweni ka-13 kwilogi yeDStv Premiership ngemuva kokuqoqa amaphuzu angu-18 emidlalweni engu-16.

“Kuhlezi kunezingenye ezimbili zendaba. Ngicabanga ukuthi igama elibi lokuxosha abaqeqeshi njalo yilo elenza abantu babe nokungabaza ngesinqumo sami.

“Kodwa mina ngigxila kokuhle kuphela. IChippa yiqembu elinegama futhi ngibona ithuba lokwenza umehluko.” 

UThabo September ubesebenza eqenjini lenkulisa kwiSuperSport United ngaphambi kokuya kwiChippa.

Uthi ubona leli kuyithuba elihle lokukhula kuye njengomqeqeshi, uyavuma nokuthi liqhamuke engazelele. 

“Yisinyathelo esibheke endaweni efanele. Yebo, leli thuba liqhamuke ngingalilindele kodwa impilo injalo, ifuna uthathe amathuba uma evela.” 

USeptember, owayengukaputeni kwiSuperSport esadlala, uneziqu zeCaf B License zokuqeqesha kanti uhlela ukwenza ezeCaf A License maduze.