Ibanjwe ngoswazi luncane iMoroka Swallows ngelokuhlaza iPSL
Ishaywe ngoswazi oluncane iMoroka Swallows ngesikhathi idliwa yicala yokuhlambalaza i-PSL ngokuhluleka wukudlala imidlalo yayo yeDStv Premiership ngoDisemba.
IMoroka Swallows yafaka ibhola elikhokhelayo kuleli ehlazweni ngesikhathi ingakwazi ukudlala imidlalo yayo neMamelodi Sundowns neGolden Arrows.
Lamaqembu okwakumele idlale nawo yiwo avunwe yilesi sigwebo se-PSL njengoba ezicoshele amaphuzu amathathu engadlalanga.
Umshushisi we-PSL, uZola Majavu usekhiphe isitatimende echaza ngokwenzeke ngesikhathi kuqulwa leli cala ngoLwesine ntambama.
“Ngingaqiniseka ukuthi phambilini namuhla, iMoroka Swallows ivele phambi kwekomiti elqondisa ubugwegwe,” kusho uMajavu.
“Beyizoziphendulela ngezinsolo zokungaziphathi kahle kulandela ukwehluleka kwayo ukudlala imidlalo emibili ebihleliwe ngoDisemba 27 no-30.
“Ekuqaleni kwesigungu sekomiti eliqondisa ubugwegwe, ilivumile icala. Iligi ikwamukelile lokho.
“Babe sebetholwa benecala ngokufanele,” kuchaza le nkunzi emidwayidwa uma kuziwa emacaleni ezemidlalo.
“Ngokwesigwebo, kuthe ngemuva kokulalela izethulo zabamele iligi neMoroka Swallows, ikomiti lePSL eliqondisa ubugwegwe libe selinqumq kanje:
“Okokuqala, ngayo yomibili imidlalo engayidlalanga, amaqembu okwakumele idlale nawo anikezwe imiphumela yale midlalo.
“Anikwe amaphuzu amathathu namagoli amathathu ngokwalokhu okubizwa ngokugingqa ebholeni.
“Okwesibili, bahlawuliswe imali engu-R1-million, ingxenye yayo engu-R600 000 ilengisiwe isikhathi esiyizinyanga ezingu-24.
“Umbandela walokho uthi akumele itholwe necala elifanayo kulesi sikhathi esilengisiwe.
“Lo R400 000 osele kumele ukhokhwe ngokushesha. Baphinde bayalelwa ukuba bakhokhele izindleko zokuhlala kwekomiti.”
Uthe iSwallows iphinde yaxwayiswa ngokuthi kumele ikugweme ukungena ecaleni elifunze leli.
Lokhu kungoba beyingazithola imiswa noma ixoshwa unomphelo ebholeni elikhokhelayo.
“Nokho ikomiti likubongile ukuthi basheshe balivuma icala labo, futhi lokho kubacubuzele amagabade.”
OLUNYE UDABA: Izinkulumo iChiefs nePirates bexhaswa inkampani yokubheja
Uqhube wathi iSwallows ithembisile ukuthi sezithathiwe izinyathelo zokuqinisekisa ukuthi into efana nale ayiphinde yenzeke.