Bafana BafanaEzintsha

UMbazo uthi uLyle Foster uzozisola ngokuchayisa iBafana

U-Aaron “Mbazo” Mokoena akayizwa kahle indaba yokuthi uLyle Foster uyakwazi ukumelana nengcindezi yokudlala kwi-English Premiers League, kepha eyeBafana Bafana iyamhlula. 

ULyle Foster usale ngaphandle eqenjini leBafana Bafana eliya kwiCaf Africa Cup of Nations e-Ivory Coast kuyo le nyanga.

Lo mdlali weBurnely FC ushiywe kulandela isicelo saleli qembu sokuthi akekho esimweni esifanele ngokomqondo ukuthi aye kwiBafana.

Kuzokhumbuleka ke ukuthi uLyle Foster ubesanda kwelulama ekuguleni okuhambisana nokugqilazeka komqondo. 

Umqeqeshi wakhe kwiBurnely, uVincent Kompany wathi kumanje lo mgadli usebenza esondelene nodokotela bengqondo abaqaphe isimo sakhe ngeso lokhozi. 

Kodwa uMokoena, owayengukaputeni weBafana Bafana isikhathi eside, akayizwa kahle lento.

Uveze umbono wakhe ngoFoster ngesikhathi enengxoxo nabeRadio 2000 ngoLwesibili ntambama.

“Uma eqhubeka nokudlala kwiBurnley kodwa angadlali kwiBafana lokho kungenzeka kumjikele ngokuhamba kwesikhathi,” kusho uMbazo. 

“Angikuqondi ukuthi kungani ekwazi ukudlala kwiBurnely esesimweni esinengcindezi enkulu kodwa engakwazi ukuzodlalela izwe lakhe.”

UMbazo uthe uyafisa ukwazi ukuthi ngabe ukungafiki kukaFoster kube yisinqumo sakhe uqobo noma yiqembu elinqabile. 

“Okungizwisa ubuhlungu wukuthi asazi noma yisinqumo sikaLyle Foster noma eseqembu.

“Uma isinqumo besilele kuye, bekumele afike azodlalela izwe lakubo.

“Uma kuwukuthi akasafuni ukudlalela iqembu lesizwe, kumele abe nesibindi sokukubeka kucace lokho. 

“Nguye lo mfana okumele asitshele iqiniso,” kusho uMbazo eveza ukungenami kwakhe ngalolu daba. 

UFoster ubengumdlali obalulekile futhi eshaya namagoli ngesikhathi iBafana idlala imidlalo yokuhlungela lo mqhudelwano. 

Umqeqeshi weBafana, uHugo Broos usivale ngo-Evidence Makgopa we-Orlando Pirates isikhala sakhe eqenjini aya nalo e-Ivory Coast.