Bafana BafanaEzintsha

UBroos nenkinga kwiBafana kulimala uMothobi Mvala

UHugo Broos, ocija iBafana Bafana, angase aphoqeke ukushiya umdlali wakhe obalulekile uMothobi Mvala weMamelodi Sundowns.

Ezivela ekhempini yeBafana Bafana zithi lesi siqongqwane somdlali wasemuva sithintekile ngakho uBroos kumele athathe isinqumo ngokushesha ngaso.

“Inkinga enkulu esinayo uMothobi (Mvala) ulimele enqulwini. Udokotela unaye uzolinda imiphumela yokuhlolwa. 

“Asinaso isiqiniseko sokuthi uzohamba nathi ukuya e-Ivory Coast,” kusho uBroos.

Ukungahambi kukaMothobi Mvala kungamlimaza kakhulu uBroos. 

Lo mdlali bekulindeleke ukuthi ayibambe emuva maphakathi noGrant Kekana adlala naye kwiSundowns.

“Yinto engasoze ingijabulise uma umdlali onjengoMothobi engekho eqenjini. 

“Uma edlala uzinikela ngo-100% futhi uma esejimini uzinikela ngo-150%.

“Ungumdlali ongathembela kuyena ngaso sonke isikhathi. Emiqhudelwaneni efana ne-Afcon abadlali abafana nalaba babaluleke kakhulu.

“Ngeke sikwazi ukuya naye e-Ivory Coast uma engeke akwazi ukuziqeqesha ezinsukwini eziyishumi ezizayo. 

“Uma kukanjalo kuyoba ngcono ukuthatha omunye umdlali.

“Ngiyethemba akukubi kakhulu nokuthi ezinsukwini ezimbalwa ezizayo azoziphumula ngingathembela kuyena emdlalweni wokuvula neMali.”

Umdlali wasemuva olindile uma kukhona othintekayo uTapelo Xoki we-Orlando Pirates. 

Mhlawumbe kuzogcina kuhambe yena uma uMvala engalulami ngesikhathi.

IBafana izobhekana neMali emdlalweni wokuqala ngoJanuwari 16.