Bafana BafanaEzintsha

URayners akalilahlile ithemba ngokungena kwiBafana

Ukusala ngaphandle kuka-Iqraam Rayners kwiBafana Bafana eya e-Ivory Coast ngenye yezinto okusazokhulunywa ngayo isikhathi eside. 

Sekuvele kunabakhalayo ngaye njengoba iBafana Bafana idlale ngokulingana neLesotho emdlalweni wokuzwana amandla ngoLwesithathu ntambama.

Lo mdlalo ubusePitoli kanti bewudlalwa kungekho zihlwele kanti nabezindaba bebengamenyiwe. 

Ukuhluleka kweBafana ukuthola igoli, sekuvuse imibuzo ngesinqumo sikaHugo Broos sokushiya ngaphandle u-Iqraam Rayners.

Lo mgadli weStellenbosch usekhulile futhi uyakubonakalisa lokho enkundleni njengoba nepali engalibheki nje. 

Nokho yena ngesikhathi ekhuluma nabeMetro FM ngoLwesibili kusihlwa uveze ukuthi akanankinga nokushiywa kwakhe ngaphandle. 

U-Iqraam Rayners ungomunye wabadlali okucushiswe ngabo ukuthi uma kuba khona olimalayo angene.

“Ngaphoxeka ukuthi angingenanga esikwatini seBafana Bafana kodwa ngingathini ke,” kusho uRayners.

“Ekugcineni kuba yisinqumo sikamqeqeshi. Ngiyakujabulela ukuthi ngiyingxenye yabadlali okucushiswe ngabo. 

“Uma kwenzeka okuthile, ngizobe ngikulungele ukungena ngithathe isikhala,” kuchaza lo mgadli oneminyaka engu-28. 

Njengoba esalindile ukuthi uma kwenzeka kuba khona olimalayo noma oba nenkinga kwiBafana Bafana, u-Iqraam Rayners akaphumule njengozakwabo.

Abadlali bamaqembu ePSL basekhefini njengamanje njengoba kusazoqala imidlalo yeCaf Africa Cup of Nation e-Ivory Coast nje.

Lo mqhudelwano uzoqhubeka kuze kube maphakathi noFebhuwari, bese kuqhubeka imidlalo yeligi. 

“Nginohlelo engiluthole kwiStellenbosch lokuthi ngizigcine ngisesimweni esifanele ukuze uma ngidingeka ukuthi ngiyojoyina iqembu kwi-Afcon ngibe ngilungile.” 

Kumafolosi agabe ngawo uBroos njengamanje kukhona oThemba Zwane, Mihlali Mayamabela, Evidence Makgopa, Zakhele Lepasa, Oswin Appolis noPercy Tau.