Bafana BafanaEzintsha

Izihlazile iBafana ibanjwa yiLesotho kowobungani

Ukudlala ngokulingana kweBafana Bafana neLesotho emdlalweni wokungcweka eLucas Moripe Stadium, ngoLwesithathu, akucacisi ukuthi limi kuphi iqembu likaHugo Broos ngaphambi kwe-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023.

Lona bekuwumdlalo wokugcina weqembu lesizwe lakuleli ngaphambi kokubhekisa amabombo e-Abidjan e-Ivory Coast.

Okuhlalukile nokho ukuthi abadlali abathathu beMamelodi Sundowns, uThemba Zwane, uMothobi Mvala noRonwin Williams, abawuqalanga umdlalo ngenxa yokuthinteka.

Ezintini kuqale uVeli Mothwa kanti ukaputeni bekunguSiyanda Xulu obedlala emuva noNkosinathi Sibisi. 

Ukuba ngukaputeni kukaXulu kulo mdlalo kukhombisa uthando amthanda ngalo uBroos.

Kubanjwe umoya ngoMothobi Mvala ukuthi uzogcina ehambile yini neqembu ukuya e-Ivory Coast njengoba elimele. 

Uma odokotela bethi ngeke alulame ngokushesha, indawo yakhe ingase ithathwa uTapelo Xoki we-Orlando Pirates ongomunye wabadlali okucushwe ngabo.

IBafana idlala ngokulingana neLesotho nje, iqembu ezovula nalo, iMali, lisanda kubhubhudla iGuinea Bassau ngo ngo 6-2 emdlalweni wokulungiselela i-Africa Cup of Nations ka-2023.

Kuyocaca kuwona lowo mdlalo ngoJanuwari 16 ukuthi uBroos yini ayiphekayo ekhempini yeBafana.

Nokho kumele bazibambe ziqine uma sebebhekene neMali enabadlali abaningi abagijima e-Europe.