Carling Knockout CupEzintsha

UKhune weluleka uMfundo Vilakazi ovelele kwiCarling Cup

U-Itumeleng Khune usenxenxe umdlali osemncane weKaizer Chiefs, uMfundo Vilakazi ukuthi angadikibali ngoba engagcina esehubha utalagu.

UKhune uthi uMfundo Vilakazi kumele abe nesineke, asebenze ngokuzikhandla ngesikhathi esalinde ithuba lakhe lokudlala eqenjini.

UVilakazi, oneminyaka engu-17 nje kuphela, ushiye abalandeli bengawuvali umlomo ngesikhathi edlala kwiCarling All Stars ngempelasonto.

Nguye oshaye igoli lokuqala nokube yibhola ebelibekwe phansi, walithatha walinamathisela enethini kalula. 

Leli goli lisize iCarling All Stars inqobe kwiStellenbosch FC ngo 2-1 ePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo.

Manje sekubhekwe ukuthi anikwe ithuba eqenjini elikhulu kwiChiefs uma leli qembu selibuyela enkundleni ngoFebhuwari.

“Nami nganginephupho njengaye ngisemncane, nganyuselwa eqenjini elikhulu ngineminyaka engu-17,” kusho uKhune.

Ubekhuluma nabezindaba ngemuva kwalo mdlalo. UKhune nguye oqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo ngemuva kokuvimba kahle. 

“Leli thuba abadlali abalithola kwiDDC (DStv Diski Challenge) belingekho ngezikhathi zethu.

“Kodwa ngangithola ithuba lokudlala neqembu elikhulu kanye ngenyanga, yilapho ke engakwazi ukuvezela abaqeqeshi ikhono lami.

“Futhi ngangidlala eqenjini lesizwe lika-Under 20 nelika-Under 23 ngaleso sikhathi,” kuchaza lo makadebona kanozinti. 

“Ngakho uMfundo (Vilakazi) kumele azikhandle, asebenze kanzima. Akumele aphele umoya, isikhathi sakhe siyeza. Kumele abe nesineke.”

UKhune uthe uMfundo Vilakazi akumele athathe okubhalwa noma okukhulunywa ngaye kwabezindaba bese ekufaka ekhanda. 

“Kumele agweme ukulalela okushiwo abantu ngaye, aqhubeke nje yena nokusebenza enkundleni.

“Uma isikhathi sesifanele, ithuba lakhe lizoqhamuka. Ngicabanga ukuthi lo mlayezo awuyi kuMfundo kuphela, kodwa nakwabanye abadlali abasebancane.

“Kumele abheke okwenzeke kuMduduzi Shabalala abedlala naye (kwiDDC), buka manje usekhushulelwe eqenjini elikhulu.”