Bafana BafanaEzintsha

Broos: Ngeke ngizwe ngani ngabadlali kwiBafana

Umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, akayingeni eyokuzwa ngabantu ukuthi yimuphi umdlali okumele amqoke eqenjini lesizwe.

UHugo Broos usanda kumemezela iqembu azoya nalo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023 e-Ivory Coast. 

Kube khona ukukhala ngokusala kwabadlali abathile kodwa uBroos uthi uyayazi into ayenzayo yena.

“ISafa yangiqasha ngaphandle kokufaka abantu abangu-56 million (baseNingizimu Afrika). 

“Yangicela ukuthi ngise iqembu lesizwe phambili,” kusho uBroos muva nje.

“Abazange bangitshele ukuthi baphinde baqasha abanye abaqeqeshi abangu-56 million ukuthi baqeqeshe iBafana Bafana.”

Kubadlali abasalile abebebhekiwe, kubalwa uLyle Foster, okuvela ukuthi iBurnely yalile naye, uBongokuhle Hlongwane, uSibongiseni Mthethwa (okwabacuphile), uSiyabonga Ngezana noTapelo Xoki.

Abanye abalandeli bayakhala ngokufakwa kukaSiyanda Xulu weSuperSport United, ongalitholi njalo ijezi eqenjini lakhe. Nokho uHugo Broos uyazifela ngalo mdlali.

“Manje abantu beza kimina bangibuze ukuthi kungani ngingamkhethanga umdlali odlalela iqembu elithile.

“Uma ngiselapha ngizokhetha umdlali owenza kahle ngokwami. Ungadlala kwiPSG, iBayern Munich njalo njalo, uma ungahambisani nendlela engidlala ngayo angisoze ngikubize.

“Ngaba nesimo esifanayo eCameroon eqenjini lakhona lesizwe. Abantu babenganeme ngeqembu engalikhetha siya kwi-Afcon eGabon ngo-2017 kodwa sayiwina indebe.

“Ngemuva kwalokho base bengijibela amaswini kade beqale bangijibela amatshe. 

“E-Afrika uyatshelwa ukuthi wenzeni, e-Europe kuba uwena ophethe ngokuphelele kuze kube uyaxoshwa noma uzesulele.”

IBafana izodlala umdlalo wobungani neLesotho eLucas Moripe Stadium, ngoLwesibili. Izobhekisa amabombo e-Abidjan e-Ivory Coast ngoLwesithathu.