Carling Knockout CupEzintsha

Riveiro: ICarling Cup ingivezele uthando lwabalandeli

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ozoqeqesha iCarling All Star XI ezobhekana neStellenbosch ngoMgqibelo, useveze imibono yakhe ngaleli qembu lakhe lesikhashana. 

Iqembu le-All Stars liqokwe ngemuva kokuba abalandeli bevotele abadlali bamaqembu e-DStv Premiership, kuhlanganise nabadlali abasebancane beDStv Diski Challenge.

UJose Riveiro uzobe eqeqesha iqembu ngemuva kokuvotelwa njengomqeqeshi, futhi usevezele abezindaba imibono yakhe ngaleli qembu. 

“Iqembu yilokho eliyikho,” kusho uRiveiro kwabezindaba ngoLwesihlanu.

“Yiqembu eliphelele, elibophele abadlali abanethalente ngababili endaweni ngayinye.

“Nginogqozi ikakhulukazi ngabafana abasebancane, abanethuba lokudlala uma sesibhekene nompetha (beCarling Knockout).

“Babheke nokudlala nabadlali abanamava, ngakho kuyithuba elihle kithi sonke ukuthi silijabulele ikusasa ngaphandle kokucabanga kakhulu ngokuthi uzoba yini umphumela.”

UJose Riveiro uthe kuyintokozo ukuqokwa njengomqeqeshi, futhi ubonge abalandeli ngokumeseka yize enesikhathi esincane eseNingizimu Afrika.

“Kukhombisa uthando lwabalandeli, yingakho ngilapha,” wengeze kanje lo mqeqeshi odabuka eSpain.

“Angikwazanga ukukuthatha ngenye indlela. Kungumsebenzi wethu, kuwumthwalo wethu. Futhi ngiyabahlonipha ngempela (abalandeli).

“Yingakho ngilapha ngizama ukwenza konke okusemandleni ami futhi ngijabule kakhulu ukuthi ngemuva kwesikhashana ngilapha eNingizimu Afrika baqoke mina…

“Ngiqonde ukuthi izolo ngithe ngimele ikilabhu enkulu, isikhungo esikhulu esinabalandeli abaningi. 

“Nginesiqiniseko sokuthi abaningi bebengemuva kwalokhu (ukuvota), yize bekhona abanye abalandeli bebhola eNingizimu Afrika (abangivotelile). 

“Ngakho ngiyajabula ukuthi bayangisekela kwengikwenzayo,” kuchaza yena.

ICarling All Star XI izobhekana nompetha beCarling Knockout iStellenbosch FC emdlalweni weCarling Cup obhekwe ngabomvu.

Lo mdlalo uzoba seNew Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, eLimpopo ngoMgqibelo ngo 3 ntambama.