Ushiye kukhalwa kuleli unompempe oya kwi-Afcon
Unompempe u-Akhona Makalima unyamanambana kubalandeli beMamelodi Sundowns ngemuva komdlalo wompetha beligi nePolokwane City ngeledlule.
UMakhalima uyena owayephethe lo mdlalo weDStv Premiership owagcima uphele ngo 0-0 eLoftus Stadium, ePitoli.
AbeSundowns bakhala ngokuthi kwakumele bathole iphenathi ngesiwombe sokuqala somdlalo.
Nokho kuyavela ukuthi iphenathi abebekhala yayingeke ibekwe ngoba yize uThemba Zwane adlaliswa kabi, kwakungaphandle kwebhokisi.
Okunye abakhala ngakho ukuthi igoli likaPeter Shalulile ngesiwombe sesibili kwakumele lingaphikwa.
UMakalima waqale wangaphikisana negoli kodwa ngemuva kokuxoxa nomsizi wakhe wathi akulona.
Kwavela ukuthi uZwane wadlalisa kabi umdlali weRise and Shine ngaphambi kokuthi ibhola lifike kuShalulile owalinamathisela enethini.
Ngemuva komdlalo umqeqeshi weSundowns uRulani Mokwena, wayedinwe ethunya, engakwazi nokukhuluma.
Nasezinkundleni zokuxhumana kwavela ukuthi uMakalima akathandwa abalandeli beSundowns (abathile) abakholwa wukuthi wabancisha igoli.
Lo nompempe uzolibangisa e-Ivory Coast kule nyanga, lapho ezoba yingxenye yethimba lonompempe abazobe bebheke iVideo Assistant Referee (VAR) emidlalweni ye-Africa Cup of Nations (Afcon).
Nyekenye uMakalima ubeseNew Zealand nase-Australia lapho ebedlalisa khona imidlalo yeNdebe yoMhlaba yabesifazane.
OLUNYE UDABA: Iyatitilizwa imali kwi-Afcon kulokhu
Konke lokhu kukhombisa ukukhula nokuqoqa amava kulo nompempe wesifazane.