Izoqeda indlala yobumnandi kubalandeli iCarling Cup
Unozinti weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, uPogiso Sanoka noVictor Letsoalo babukeka bezodlala kwi-All Star XI uma seyibhekene neStellenbosch emdlalweni weCarling Cup.
Abalandeli bazothola ubumnandi ngedili lomculo nebhola ngesikhathi seCarling Cup eNew Peter Mokaba Stadium ngoMgqibelo.
Ompetha beCarling Knockout Cup, iStellenbosch bazobhekana neqembu leCarling All-Star elivotelwe abalandeli.
Leli qembu lihlanganise ingxube yezihlabani ezinamagama nethalente elisafufusa elizobe liholwa ngumqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro.
ICarling Black Label Cup kulindeleke ukuthi ilethe ubumnandi ePolokwane ngefestivali yomculo.
Kule festivali kuzobe kuboshelwe oMakhadzi, King Monada, nomculi weKwaito odumile uThebe.
Umlingisi weSkeem Saam uClement “Kwaito” Maosa obuye abe ngumdansi aphinde abe ngumculi, uzoba yingxenye yemidlalo eminingi ezojabulisa abalandeli ngalolu suku.
Abalandeli bayakhuthazwa ukuthi bafike kusenesikhathi bezothokozela lolu hlelo ngaphambi komdlalo webhola.
Amasango avulwa ngo-12 emini kanti amathikithi asatholakala ngo-R40 ezitolo zakwaTicketPro ezweni lonke.
“ICarling Black Label ibheke ukunika abalandeli ithuba elijabulisayo nelihehayo ebholeni.
“Kube nebhola elihle kakhulu elijatshulelwe izigidi kuyo yonke imidlalo yeCarling Knockout, futhi iCarling Cup akufanele ihluke.
“ICarling All-Stars ibophele abadlali abavotelwe ngabalandeli abavela kuyo yonke iPSL behlangene ukuze babambe ompetha beCarling Knockout.
“Abalandeli basazokwazi nokungenela umncintiswano wokuwina u-R900 000 kwiFak’ iGoal Uzobona.
“Lolu suku luphinde lube nohlu olumangalisayo lwabaculi abanohlonze abanomculo abaqinisekile ngoFak’ uGesi.
FUNDA NALA: UVilakazi usejima neqembu elikhulu kwiChiefs
“Abalandeli bangaba yingxenye yalo mbukiso enkundleni yezemidlalo iNew Peter Mokaba namathikithi atholakala ngo-R40 kuphela,” kusho umqondisi kwiCarling Black Label, u-Arne Rust.