Ezintsha

Iyatitilizwa imali kwi-Afcon kulokhu

Amaqembu azodlulela emzuliswaneni womkhumulajezi kwiCaf Africa Cup of Nations (Afcon) e-Ivory Coast azoyititiliza imali.

Lokhu kulandela ukumemezela kweCaf ukuthi imali yalo mqhudelwano omkhulukazi e-Afrika, izokhuphuka ngo-40%.

INingizimu Afrika inethuba elihle lokudlulela phambili kulo mqhudelwano uma kubhekwa iqoqo layo. 

KuGroup E iBafana Bafana iqhathwe neMali, yiNamibia neTunisia.

Alikho iqembu okumele lithathwe kancane kulawa kodwa uHugo Broos nezakhe banalo ithuba lokudlulela phambili uma bengawina umdlalo owodwa bese kwemibili badlale ngokulingana.

Iqembu eliboshelwe uBroos linabadlali abazanayo njengoba sebedlale isikhathi eside ndawonye. 

Abaningi babo baqhamuka kwiMamelodi Sundowns, esefomini enhle kulezi zinsuku.

Imidlalo ye-Afcon izoqala ngoJanuwari 13 ize isongwe ngoFebhuwari 11 e-Ivory Coast.

Imi kanje imihlomulo emisha:

Ompetha: $7m (R131m)

Abazohlulwa kowamanqamu: $4m (R75)

Abazodlala eyandulela owamanqamu: $2.5m (R46m)

Abazodlala kuma-Quarter-Finalist: $1.3m (R24m)