UVilakazi usejima neqembu elikhulu kwiChiefs
Kuzobathokozisa abalandeli beKaizer Chiefs ukuzwa ukuthi ‘intwana’ abayithandayo, uMfundo Vilakazi useqalile ukujima neqembu elikhulu.
Sesiside isikhathi abalandeli bekhalela ukuthi uVilakazi, oneminyaka engu-17 afakwe eqenjini elikhulu, bebabaza ikhono lakhe.
Ubedlala eqenjini leChiefs le nkulisa kanti kwake kwavela ukuthi abaphathi bafuna aqede izifundo zakhe zikamatikuletsheni kuqala.
Yize ingcindezi beyinkulu – ikakhulukazi ngemuva kokuthi i-Orlando Pirates inyuse uRelebohile Mofokeng wafike waba yisihlabani – abaphathi bama esinqumeni sabo.
Kodwa manje njengoba uVilakazi eseqedile ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni nje, seyiqalile ke ukujima neqembu elikhulu.
Kuke kwavela ngo-Ephreli ukuthi yize engadlali eqenjini elikhulu, kodwa abaqeqeshi bamqaphe ngelokhozi.
Kuthiwa nabaphathi bayazi ukuthi kukhulu oluza naye uma sekufike isikhathi sokuthi angene eqenjiini elikhulu.
Ngokubika kwe-iDiski Times, uVilakazi ubeyingxenye yabadlali abebesejimini yeChiefs ngoLwesine.
Leli qembu belimeme abezindaba ekomkhulu lalo eNaturena ukuzobhunga nabo ngomdlalo walo olandelayo weDStv Premiership.
Kulapho ke ‘intwana’ ibonakale khona ingomunye wabadlali abajima eqenjini elikhulu elicijwa uCavin Johnson ongumqeqeshi obambile.
IChiefs izobhekana neRichards Bay emdlalweni weligi eFNB Stadium ngoMgqibelo ngo 3.30 ntambama.
Ngemuva kwalokho izobe seyivala isizini ekuhambeni kwiSekhukhune Unites ngoDisemba 30.
Ngemuva kwalokho iimidlalo yeligi iya ekhefini futhi iyoze ibuye ngoFebhuwari njengoba kuzoba neCaf Africa Cup of Nations ngoJanuwari.
OLUNYE UDABA: OwoSuthu ucacisa ngoMabiliso ‘onyamalele’ eqenjini
Le midlalo – neBafana ekhona kuyo kulokhu – izoba se-Ivory Coast phakathi kukaJanuwari noFebhuwari.