DStv PremiershipEzintsha

OwoSuthu ucacisa ngoMabiliso ‘onyamalele’ eqenjini

Alicaci ikusasa lomdlali osemncane waMaZulu FC okuvela ukuthi umisiwe kumanje eqenjini ngenxa yokungaziphathi kahle.

Kuvela ukuthi uSibusiso Mabiliso uke wanyamalala isikhathi eside eqenjini, kwathi uma ebuya wahlawuliswa qede wamiswa. 

Ikungacaci kahle wukuthi njengoba ebengekho nje eqenjini ubekuziphi izinkalo futhi ngokwemibiko kuthiwa kuphele inyanga yonke engazihluphi ngokuya emsebenzini. 

UMabiliso unyamalala nje ubevele elizwa ngendaba njengomshado kanina ijezi eqenjini likaPablo Martin.

Indawo uyibanga noRiaan Hanamub waseNamibia odlala kahle kakhulu emuva kwesonkundele.

UHanamub ukhona naseqenjini lesizwe leNamibia futhi ungomunye wabangeke basale uma seliya kwiCaf Africa Cup of Nations. 

UMabiliso ugcine ukudlala kuMaZulu ngo-Okthoba 28 ngesikhathi leli qembu libhekene neChippa United emdlalweni weligi.

“Mina engikwaziyo, engikuzwe ngemenenja yeqembu wukuthi lowo mdlali akekho ngoba elimele,” ucashunwe esho kanje okhulumela AmaZulu, uPhilani Ndlela.

“Kusukela kwashona uBongi (Ntuli) (ngo-Okthoba) wanikwa isikhathi sokuyophumula, kwathi uma ebuya lapho, wafike walimala ejimini.

“Ungazama ukuqinisekisa lokho nemenenja yakhe uBasia (Michaels). Ngicabanga ukuthi unolwazi olufanayo nalolu engikunika lona.” 

UMabiliso ufike kuMaZulu ngesizini edlule ngemuva kokukhonjwa indlela kwiKaizer Chiefs la abehlale khona amasizini amabili.

OLUNYE UDABA: Imenenja ifuna ukubopha abathi idla amandla abadlali

Nakhona kwiChiefs akazange akwazi ukungena eqenjini eliqala imidlalo futhi kwake kwanezinsolo zokungaziphathi kahle.