Bafana BafanaEzintsha

UKompany akafune lutho ngoLyle Foster osunwa kwiBafana

Kubonakala umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos kuzomele amkhiphe ezinhlelweni zakhe umgadli weBurnely FC, uLyle Foster. 

Lokhu kulandela ukuthi umqeqeshi weBurnely, uVincent Kompany ekubeke kwacaca ukuthi uFoster akakabi sesimweni sokuthi engazulazula.

UFoster ubemile ekudlaleni kusukela ngo-Okthoba njengoba ebenenkinga yesifo esihambisana nokukhathala komqondo.

Ubuyele kwiBurnely emavikini embalwa edlule kanti uqale ukubonakala enkundleni kule mpelasonto ngesikhathi bethola isibhaxu kwi-Everton. 

UBroos ubemfakile lo mgadli ezinhlelweni zakhe zeCaf Africa Cup of Nations ezoba se-Ivory Coast ngoJanuwari.

Lokhu kuyingxenye yokubuyela kwakhe esimweni esifanele sempilo

Kodwa uKompany uthi ngeke kulunge ukuthi uFoster ahambe okwamanje ngoba kumele abe seduze nabantu ababiza ngabangani.

“Kube yisimanga nakithi (ukubuya kukaFoster). Besingalindele ngempela ukuthi uzokwazi ukubuya manje,” usho kanje uKompany. 

“Kodwa kube wumbono wongoti bezengqondo ababone ukuthi kubalulekile ukumgcina endaweni ayijwayele.

“Ibhola liyingxenye yempilo yakhe; kuyinto okumele ayenze ukuze naye ajabule. 

“Sasilungele noma yini, futhi imizuzu engu-45 ngokomzimba yilokho abengakwazi ukukwenza njengamanje. 

“Ngesiwombe sesibili ububona ukuthi ungakanani umthelela angaba nawo,” kuchaza uKompany.

UFoster ungene esiwombeni sesibili bebhekene ne-Everton kanti ufike wakhombisa ukuthi usakufuna ukwenza kahle kuleli qembu.

“Kufanele ngengeze ukuthi kubaluleke kakhulu ukungaphambanisi izinto,” kuqhuba uKompany. 

“Lokhu kuyingxenye yenqubo yakhe yokubuyela esimweni. Akakabi sesimweni sokuthi usengamndiza umhlaba wonke. 

“Lokhu kuyingxenye yokubuyela kwakhe esimweni esifanele sempilo.

“Silandela okushiwo ongoti bezempilo. Kumele sithathe isinyathelo ngasinye ngokuqaphela. 

“Ukuba neqembu, ukuba nabantu abathatha njengabangane bakhe, nokugcina endaweni enganabo abantu abaningi yikhona akudingayo. 

“Lokho kubonakala kumbeka endaweni enhle. Lokhu kuyingxenye nje yokululama kwakhe.”

Cishe odokotela abamelaphayo bazonqena ukuthi aye kwi-Afcon ngoba uzoba nengcindezi yokuthi asize iBafana, bese isimo sibuyela emuva.