DStv Premiership

UKimvuidi usebheke ukuqhubeka nomgqigqo kwiBucs

Uyaqhubeka nokukhula ebholeni lakuleli uKarim Kimvuidi njengoba eshaye igoli lakhe lokuqala kwi-Orlando Pirates.

UKarim Kimvuidi ushaye leli goli elisize iPirates idlule ngo 2-1 kwiGolden Arrows ebiingazibekile phansi emdlalweni weDStv Premiership ngeSonto ntambama. 

Kubashaqisile ke abaningi ukuthi bekuyigoli lokuqala elishaywe uKarim Kimvuidi njengoba ebedlala kahle nakwiMaritzburg United abekuyo ngesizini edlule. 

Njengoba eselishayile igoli lokuqala, waphinde wathola indondo yokuqala yokuba uMdlali oVelele, uKimvuidi usebheke ukukhula kwiBucs. 

“Okokuqala nje, ngifuna ukubonga umqeqeshi nozakwethu ngokungigqugquzela ukuthi ngizethembe ukuze ngenze okwengeziwe,” kusho uKimvuidi.

Ngijabule ngoba bengilokhu ngiqhubeka ngizikhandla 

Ngokunqoba kwayo, iPirates yenyukele endaweni yesithathu kwilogi kanti lo mdlali osemncane odabuka eDR Congo ubona sebebambe umgqigqo omuhle. 

IPirates seyinqobe imidlalo emithathu yeligi kulandelana, kanti kwemihlanu edlule, inqobe emine, yadlala ngokulingana kowodwa.

“Ngijabule ngale ndodo okungeyokuqala (kwiPirates). Ngijabule ngoba bengilokhu ngiqhubeka ngizikhandla. 

“Sekumele siqhubeke nalo msebenzi omuhle esiwenzayo, sigcine umgqigqo, sizame ukuqhubeka nokunyuka.”  

Umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro akathandanga ukugxila kakhulu kuKimvuidi, kodwa wamncoma ngokulisebenzisa ngendlela ithuba alinikiwe.

Lo mdlali uqale umdlalo bebhekene ne-Arrows futhi wadlala ngendlela egculisayo nekhombisayo ukuthi uzogcina eyiqhawe kweziMnyama.

“Yinto efanayo nangoKarim (Kimvuidi) njengabo bonke abanye abadlali bethu,” kusho uRiveiro.

“IPirates yiqembu elibophele abadlali abahle kakhulu, sonke siyakwazi lokho.

“Kodwa njengoba bengike ngasho phambilini, kubalulekile ukuthi uma umdllai enikwa ithuba akhombise ukuthi kungani elapha.”