Yini elandelayo ngoKhune kwiChiefs? UJessica uyachaza
U-Itumeleng Khune ngumdlali obalulekile kwiKaizer Chiefs futhi uJessica Motaung uthi leli qembu ngeke limvalele ngaphandle ngokuthi wenze iphutha.
Lo nozinti kumanje umisiwe kwiChiefs kulandela ukuthi atholwa enotshwala egazini ngesikhathi behlolwa emasontweni ambalwa edlule.
UJessica uthi uKhune ubalulekile kwiChiefs futhi njengamanje babambene naye ngezandla njengoba elandela uhlelo lokuqondiswa ubugwegwe.
“Uyisebenze kakhulu iKaizer Chiefs, ube ngukaputeni iminyaka eminingi,” kusho uJessica kwabeTimesLive.
“Ulisebenzelile neqembu lesizwe. Kubalulekile ke ukuthi uma umuntu enza iphutha, uthole isikhathi uhlale naye phansi nikhulume naye.
“Ngesikhathi kumele aqondiswe ubugwegwe, kufanele uthole indlela yokumsiza aqhubekele phambili.
“Sesixoxile kabanzi naye, wuhambo oluzoba nzima. Kodwa ngimbona engumfana ozimisele ukusebenza ngokuzikhandla.
“Ufuna ukwenza izinto ngendlela efanele futhi uyawavuma amaphutha akhe futhi nathi kumele sihole ngobuqotho.”
UJesicca uphinde waveza ukuthi bazimisele beyiqembu ukuthi bamsize uKhune abuyele endleleni yokuziphatha efanele.
UKhune kuvele sekubhekwe ukuthi anikezwe esinye isikhundla eqenjini uma kuphela le sizini, okungeka-20 ekuleli qembu.
“UKhune uyingxenye yomndeni wethu kodwa noma kunjalo kumele silandele uhlelo olufanele (lokuqondiswa kobugwegwe),” kusho le ntokazi.
“Njengamanje sikhanda isisekelo ukuze ezokwazi ukuvula ikhasi elisha, ngakho kumele enze okufanele akwenze ngendlela ekhombisa ukuzinikela.
“UKhune uqhakaze kakhulu emsebenzini wakhe futhi manje sekumele abheke isinyathelo esilandelayo ngomsebenzi wakhe.
“Ngiyakuthokozela ke nokuthi ngihlale naye sixoxe ngokuthi impilo izombekaphi ukusuka lapha.
OLUNYE UDABA: Bancengiwe ukudlala abeMoroka Swallows abebetelekile
“Kuyinto ebalulekile ebholeni laseNingizimu Afrika ukuthi sibavulela kanjani indlela abadlali bethu.”