DStv PremiershipEzintsha

Bancengiwe ukudlala abeMoroka Swallows abebetelekile

Abadlali beMoroka Swallows badube ukujima kuleli sonto futhi bebethi abayi emdlalweni waleli qembu wangoLwesihlanu.

Lokhu kungenxa yokuthi iningi labadlali sekunezinyangana lingawazi umholo njengoba leli qembu seliphinde langena enkingeni yezimali. 

Njengoba Impempe yayike yabika nanyakanye ngesikhathi abadlali bengaholi kuleli qembu, kuphindile lokho nakule sizini.

Iphinde sabika ngakho ngasekuqaleni kweSonto ukuthi isimo sibi futhi kwiSwallows njengoba sekukhona abangaholi nje.

Leli qembu lilande inqwaba yabadlali abanegama nokukholakala ukuthi bahola kakhulu ekuqaleni kwesizini.

UKhomphela uhlambuluke kwabezindaba ngokuthi kudingeke ukuthi abancenge abadlali ukuthi baye emdlalweni ukuvikela isithunzi sePSL.

Ukhulume ngalokhu ngemuva komdlalo weMoroka Swallows neSuperSport United la zishaywe khona ngo 2-1.

“Into iqembu elizoyilungisa… Mina engingakwenza, futhi kumele ukuqonde ukuthi lento ayikho ngeMoroka Swallows kuphela. 

“Ithinta namanye amaqembu ePSL. Ithinta nesithunzi sePSL nezinye izinto eziningi,” kuchaza uKomphela.

“AbeSuperSport (TV) bafika namaloli abo lapha ukuze baveze umdlalo bukhoma, bese thina singafiki ukuzodlala…

“Okungcono manje indaba sekuzoba wukuthi iMoroka Swallows ihluliwe kulo mdlalo kunokuthi kuhlazeke ibhola laseNingizimu Afrika.” 

UKomphela ube eseyikhomba kusihlalo weqembu ongunontandakubukwa inkinga, wathi nguye okumele kuhlalwe kuye aze aphume ebholeni okungcono.

“Yinkinga encanyana. Inkinga edinga umuntu oyedwa futhi uyena okumele kuhlalwe phezu kwakhe aze afe (ngokwebhola).

“Kulungile lokho, sizobe silahlekelwe umuntu oyedwa kunokuthi kulimale nabanye abantu abangu-15 (osihlalo bamanye amaqembu) abasebholeni. 

“Ayilungile lento,” kusho uKomphela ekhombisa nangonyakazisa amahlombe ukuthi iyamsinda lento ayishoyo.