IDowns ayizuyithatha kancane iSpurs, isaba okwenzeka kwiBucs
Umdlalo weDStv Premiership, phakathi kweMamelodi Sundowns neCape Town Spurs, ufana nempi kaGoliath noDavide okukhulunywa ngayo eBhayibhelini.
Lo mdlalo wiligi useLoftus Stadium, ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.
IDowns iyona eqhwakele kwilogi ngamaphuzu angu-30. Lokhu ke kuhluke kakhulu kokwe-Urban Warriors eyibambe emsileni.
Leli qembu laseKapa lisawine umdlalo owodwa lapho lishaye khona i-Orlando Pirates ngo 2-1.
Noma kunjalo uLesiba Nku weSundowns, uthe ngeke balinge bayihlomekele iCape Town Spurs ngoba bangazisola.
“Ngicabanga ukuthi ngeke kube umdlalo olula. Balwela into yabo (ukuhlala kwiPremiership), kanti nathi sifuna ukuwuwina umdlalo,” kusho uNku.
“Senza konke okusemandleni ukuwina yonke imidlalo esiyidlalayo. Ngakho ngeke kube umdlalo olula kodwa sizolwa.”
Kuyezwakala ukuthi lo mdlali ubona ingozi kwezika-Ernst Middendorp uma bezizela ngobuso.
“Sibhekana nomdlalo ngamunye uma usukhona, ngakho umdlalo esiwudlalayo sifuna ukuwuwina.
“Asibheki ukuthi iqembu likuphi kwilogi, siyazi ukuthi bakuphi. Esikufunayo ukuwina umdlalo,” kugcizelela lo mdlali.
IDowns iphuma emdlalweni weCAF Champions League lapho ibambane khona nePyramids FC, yase-Egypt, ngo 0-0 ngeSonto.
Lokhu kuyenze yalahla amaphuzu okwesibili kulandelana kulo mqhudelwano.
“Mayelana neChampions League, kuyinto ehlukile, futhi manje sesibheke umdlalo weligi.
“Amalungiselelelo ahamba kahle kodwa siyazi sidlala njalo ngemuva kwezinsuku ezimbili noma ezintathu.
“Sizilungiselela kahle futhi siyalulama ngendlela ekahle. Nginxusa abalandeli ukuthi beze bazoseseka njengoba behlala benza.”
ISundowns ayikashaywa emidlalweni yeligi eyishumi selokhu kuqale isizini.
Nakanjani kungayiphoxa ukudedela amaphuzu ibhekene neqembu elidonsa kanzima kwiPremiership.
OLUNYE UDABA: Mayele: ISundowns ingincishe i-visa ngoba ingisaba
ISpurs yona isanqobe kanye, futhi yamangaza abaningi ithela i-Orlando Pirates othulini kungazelele muntu.