Mayele: ISundowns ingincishe i-visa ngoba ingisaba
Umgadli wePyramids FC, uFiston Mayele, usesongele iMamelodi Sundowns wathi izotholana uma seyivakashele eCairo, e-Egypt, emdlalweni weCaf Champions League.
UFiston Mayele akazange afike neqembu lakhe elibambane neSundowns ngo 0-0 emdlalweni kaGroup A, eLoftus Stadium, ngeSonto.
Kuvele ukuthi ubenenkinga yencwadi emvumela ukungena kuleli ebizwa ngeVisa.
Nokho lo mgadli usola iSundowns ngokwenza ngabomu ukuthi ingamniki ivisa ‘ngoba iyamsaba.’
Ufunge wagomela ukuthi uzoyilungisa iSundowns uma isifike ngakubo eCairo.
“Kulungile, ningincishe ivisa ngoba nikholwa ukuthi nizosishaya. Iphuzu elilodwa libalulekile, asihlangane eCairo,” kubhala lo mgadli kwi-Instagram yakhe.
Nabalandeli bebhola e-Egypt basole iSundonws, nomengameli weCaf uPatrice Motsepe ngalesi simoo esibhekane noMayele, bethi yingoba kwnezelelwa leli qembu lasekhaya.
UFiston Mayele, odabuka eDR Congo, kuvela ukuthi uyingozi kakhulu. IPyramids iyinike umdlalo onzima iSundowns kanti kunamathuba amabili ewayekile ebingantshontsha ngawo amaphuzu.
Elinye lalawo mathuba lehlele uFagrie Lakay odabuka eNingizimu Afrika. Bekumele athinte ibhola lingene phakathi kodwa wehluleka ukwenza lokho.
Nakanjani umdlalo wala maqembu uzoshuba kakhulu eCairo. Wonke amaqembu akuGroup A anamaphuzu amane kanti ahlukaniswe amagoli.
ISundowns izodlala imidlalo emibili ekuhambeni bese kuthi owodwa iwudlulalele ekhaya.
Kulowo mdlalo (wasekhaya) izobhekana neTP Mazembe ebashaye ngo 1-0 ekhaya emlenzeni wokuqala.
Lo mgadli uke wamataniswa neKaizer Chiefs ngaphambi kokuqala kwesizini kodwa kwagcina kungenzekanga.
OLUNYE UDABA: Sesibheke amawini wodwa kwiPirates kulo nyaka – Hotto
Kuthiwa abaphathi bakhe bayitshela iChiefs ukuthi engatholakala njengoba inkontileka yakhe kwiYoung Africans eTanzania beyiphela.