UNwabili uzoyikhuluma sekukhona okusetafuleni eyeChiefs
Unozinti weChippa United, uStanley Nwabili usephumele obala ngamahlebezi okuthi ufunwa uthuli yiKaizer Chiefs.
UNwabili, odabuka eNigeria, ufike kwezwakala kwiDStv Premiership njengoba engangenelwanga goli emidlalweni eyisikhombisa.
Lo nozinti usedlale imidlalo engu-13 kanti usangenelwe amagoli ayishumi kuphela, ukugcizelele ukuthi yena umqondo wakhe ukwiChippa.
Nokho sekuke kwavela ukuthi usohlwini lonozinti iChiefs ebheka kubo njengoba ifuna ukuqinisa kulo mkhakha ngoJanuwari.
“Amahlebezi ayilokho nje, amahlebezi,” usho kanje ekhuluma ne-iDiski Times muva nje.
“Ayikho enye into engiyicabangayo kuze kube kukhona okubekwe etafuleni. Njengamanje ngigxile la eqenjini lami, ukulisiza libe ngcono kule sizini.”
UNwabili uphinde waba nosuku oluhle ngoMgqibelo engangenelwa goli ngesikhathi beshaya iGolden Arrows ngo 2-0 emdlalweni weligi.
“Angikhathazekile ngokuthi kwenzakalani ngaphandle ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana. Ngizikhathaze ngeChippa nje kuphela.”
Indlela adlala kahle ngayo kwiChippa uNwabili, usehehe namehlo omqeqeshi weqembu lesizwe laseNigeria, uJose Paseiro.
Lo mqeqeshi ubevakashele iChippa ejimini ngoLwesihlanu njengoba ehambele kuleli ukubona bonke abadlali baseNigeria.
Ayikho enye into engiyicabangayo kuze kube kukhona okubekwe etafuleni
Njengoba enze kahle nje uNwabili, kungenzeka azithole esengene eqenjini leSuper Eagles eliya kwi-Africa Cup of Nations e-Ivory Coast ngoJanuwari.
“Ngiyafisa uukubizwa, kodwa lokho akuyona impoqo. Akuzoncika ekutheni ngenza kanjani ngoba bonke abanye nabo benza kahle emaqenjini abo.
“Abanye onozinti bavimba kahle emaqenjini abo. Uma ubiziwe eqenjini lesizwe, siyakubongela…
“Khona nami ngiyafisa ukumela izwe lakithi. Ngiyafisa ukuphinde ngigqoke ijezi leqembu lesizwe.
“Ngake ngangena eqenjini lesizwe phambilini, futhi ngiyafisa ukubuyela, ngiye emqhudelwaneni omkhulu. Yileso isifiso sami.”
OLUNYE UDABA: Sibhekwe ngabomvu isinqumo se-PSL ngesicelo seSafa
Abanye abadlali baseNigeria abakuleli kukhona unozinti weMoroka Swallows uDaniel Akpeyi, isitobha se-Orlando Pirates u-Olisa Ndah nomgadli weSuperSport United u-Etiosa Ighodaro.