Bafana BafanaEzintsha

Sibhekwe ngabomvu isinqumo se-PSL ngesicelo seSafa

Inhlangano eyengamele ibhola kuleli, iSafa, isilinde ngabomvu isinqumo sePremier Soccer League (PSL) ngesicelo sayo ngemidlalo yeligi.

ISafa icele ukuba iPSL isheshe iyiqede imidlalo yeDStv Premiership, ingadluleli ngale kukaKhisimuzi.

Lokhu ithi kungenxa yesicelo somqeqeshi weqembu lesizwe uHugo Broos ofuna abadlali babe nesikhathi sokuphumula ngaphambi kokuya ekhempini yeBafana Bafana.

Ngokohlelo lwe-PSL njengamanje, imidlalo yokugcina yeligi iyoba ngoDisemba 30 – okyizinsuku ezimbalwa ngaphambi kokuqala kwekhempu yeBafana. 

Ngokwezinhlelo zikaBroos, ufuna abadlali bangene ekhempini yokulungiselela iCaf Africa Cup of Nations ngoJanuwari 4.

Bazohlala kule khempu ezoba seStellenbosch kuze kube uJanuwari 9, bese belibangisa e-Ivory Coast la kuzodlalwa khona i-Afcon. 

Ngiyitholile impendulo evela esikhulwini esiphezulu esibambile (kwi-PSL, uMato Madlala) sithi usazoxoxa nesigungu esiphezulu.

Isikhulu esiphezulu kwiSafa, uLydia Monyepao, sitshele iSABC Sport ukuthi sebelinde isinqumo sePSL njengoba ibathembise ukuthi isazocabanga ngaso.

“Sesisifakile isicelo kwiPSL kulandela ukubheka uhla lwemidlalo, sathola ukuthi kunamaqembu azodlala kuze kube uDisemba 30. 

“Sicele ukuthi babheke ukuthi – njengokufisa komqeqeshi – bayiqede ngoDisemba 23 imidlalo,” kusho uMonyepao. 

“Lokhu kuzonika abadlali ithuba lokuphumula ngaphambi kokuthi baye ekhempini ukuze babe sesimweni esihle uma sebefika ekhempini.

“Ngiyitholile impendulo evela esikhulwini esiphezulu esibambile (kwi-PSL, uMato Madlala) sithi usazoxoxa nesigungu esiphezulu.

“Uyobe esebuyela kithi ke uma lesi sigungu sesibhungile ngalesi sifiso somqeqeshi,” kuchaza uMonyepao. 

Kuzothatha amehlo ke ukubona ukuthi i-PSL izosamukela yini lesi sicelo njengoba ivele isilele emuva ngemidlalo.

Lokhu kulandela ukuthi yona iSafa yanxenxa iPSL ukuba ivumele iMamelodi Sundowns ukuba ihlabe ikhefu lamaviki amabili kwiligi.

Leli khefu bekungelokuthi bese iyodlala kwiCaf African Football League, okwenze yasalela emuva ngemidlalo yayo kwiligi yakuleli.