Sesibheke amawini wodwa kwiPirates kulo nyaka – Hotto
Ukushaya iTS Galaxy ebingabanike thuba, ibaxina futhi isho ukubaqeda kwezinye izikhawu zomdlalo sekufake i-Orlando Pirates umdlandla.
Lokhu kuvezwe umdlali wayo odlala ezindaweni eziningi, uDeon Hotto ngemuva kokushaya igoli abanqobe ngalo kwiGalaxy.
UDeon Hotto ushaye igoli elihle ngebhola ebelibekwe phansi ngaphandle kwebhokisi leGalaxy, washiya unozinti wayo emile sengathi ubekhahlela iphenathi.
Yize lo mdlalo obuse-Orlando Stadium ngoMgqibelo ebusuku uphele ngo 1-0, amagoli abengaba maningi ukube amathuba asetshenzisiwe.
Womabili amaqembu awatholile amathuba amahle kodwa ahluleka. IPirates izihlulekele yona kanti iGalaxy yona ichithwe uMelusi Buthelezi obevimba ngisho impukane.
Ngemuva kwalo mdlalo, iPirates seyisalelwe emithathu yeligi ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini likaKhisimuzi.
“Bekuwumdlalo omuhle,” kusho uDeon Hotto. “Ngijabulele kakhulu umphumela ngoba kulo Disemba sinemidlalo eminingana.”
UHotto, ongeke abe nekhefu ngoJanuwari njengoba ezohamba neNamibia aye kwiCaf Africa Cup of Nations e-Ivory Coast ngoJanuwari, ufuna baqhubeke baqoqe amaphuzu.
“Kumele siqoqe amaphuzu ngendlela esingakhona ngayo – kumele kube amaphuzu amathathu. Yilokho esikufunayo manje.
IPirates idinga amaphuzu nje yingoba isalele emuva kakhulu embangweni wesicoco oholwa phambili yiMamelodi Sundowns.
Uma ingayinqoba yonke imidlalo yayo esele, ingakwazi ukuvala unyaka isendaweni yesibili – kodwa lokho kuncike emiphumeleni yamanye amaqembu.
“Sithole amaphuzu ayisithupha evikini elilodwa, kusele imidlalo emithathu ngaphambi kokuthi siye ekhefini.”
IPirates izokhiphana inkani neGolden Arrows ebhinjelwa yizinto muva nje ekuhambeni eThekwini ngeSonto elizayo.
OLUNYE UDABA: IGallants ibopha uMnisi owayithembisa umuthi ongasebenzi
Ngemuva kwalokho iyobe seyibhekana neSuperSport United ekuhambeni ngoDisemba 23, bese ivala geStellenbosch FC ekhaya ngoDisemba 29.