UJessica uveza inhloso yeChiefs ngesigwebo sikaKhune
Ukumiswa kuka-Itumeleng Khune, aphucwe nesikhundla sokuba ngukaputeni kwiKaizer Chiefs kususe izinkulumompikiswano.
Abanye babona sekufike isikhathi sokuthi avele akhululwe lo nozinti kuleli qembu asehlale kulo iminyaka engaphezu kuka-20.
Kukhona nababona sekumele awakhweze ethala amakhokho namagilavu ngoba ubukeka esekhathele yibhola.
UKhune umiswe kulandela ukuthi atholakala enotshwala egazini esejimini ngesikhathi behlowa emavikini ambalwa edlule.
Ingxenye yesigwebo sakhe wukuthi ahambele izigungu ezizomsiza ukukwazi ukulawula ukuphuza kwakhe.
UJessica usecacise ukuthi bekubaluleke ngani lokhu abakwenzile ikakhulukazi ekukhombiseni nabanye eqenjini ukuthi ukungaziphathi ngendlela ngeke kubekezelelwe.
Kodwa ngaphezu kokuqondisa ubugwegwe, sifuna ukuqinisekisa ukuthi sisiza abadlali bethu, siyabahlomisa ngolwazi
“Lokhu esikwenze namuhla (ngoLwesine) bekubalulekile,” kusho uJessica kwiSABC Sport.
“Bekubalulekile ukuze kwakheke umhlahlandlela hhayi kulabo abasebancane kuphela kodwa nabane abadlali eqenjini.
“Sibakhumbuza ukuthi siyiqembu elizigqaja ngokuziphatha kahle, elizibekele amazinga aphezulu nokubambisana nokuqinisekisa ukuthi uma omunye ephuma endleleni, sizosixazulula leso simo.
“Kodwa ngaphezu kokuqondisa ubugwegwe, sifuna ukuqinisekisa ukuthi sisiza abadlali bethu, siyabahlomisa ngolwazi.
“Ngethemba ukuthi abadlali bethu bazokubamba ngazi zombili lokhu,” kucacisa le ntokazi ephethe uhlala lweMarketing kwiChiefs.
UJessica ukuvezile ukuthi lento eyenziwe uKhune ibaphoxile kwazise bamazi esengumfanyana njengoba manje esengumnumzane onomuzi nezingane.
“UKhune usebe seqenjini iminyakanyaka. Ukhulele phambi kwami. Usefana nobhuti omncane kimi, kodwa okubalulekile wukuthi ufake isandla empumelelweni yeKaizer Chiefs.
“Usebe ngukaputeni iminyaka eminingi, wasebenza kahle naseqenjini lesizwe,” kwengeza uJessica.
“Kubalulekile ke ukuthi uma umuntu enza amaphutha – noma engaba maningi kanjani – kutholakale indlela yokuthi kuhlalwe phansi kukhulunywe ngawo.
“Ngesikhathi kuqondiswa ubugwegwe, kumele kutholwe indlela yokumsiza lowo ukwenza izinto kangcono.
“Kimi yilokho okubaluleke kakhulu. Sixoxe kabanzi naye, futhi ngimbonile nanamuhla ekuseni.
“Wuhambo olunzima lolu, kodwa ngibuka umfana omncane ozimisele ukusebenza kanzima, futhi sizoma naye.
“Kodwa umlayezo okumele asale nawo ngowokuthi kumele aziphathe kahle, nomsebenzi awenze ngendlela eyiyo.
OLUNYE UDABA: Usola izinga lokuqeqesha kuleli uRamovic weTS Gallaxy
“Kumele futhi sikuqonde ukuthi siyingxenye yeqembu, ubuholi kumele benziwe ngendlela eqotho.”