Ezintsha

Ukufanele konke okwenzeka kuye uJanine Van Wyk weBanyana

UJanine van Wyk kumele ahlonishwe ngokumela izwe lakhe ngokuzimisela nobuqotho, njengoba esewagaxa emgibeni amakhokho akhe.

Le ngwazi iyisibonelo esihle sokuthi uma uzimisela kunobhutshuzwayo uyakwazi ukuhamba ibanga elide bese ufeze amaphupho akho ngezindlela eziningi ezahlukene.

UVan Wyk ube ngumdlali okunguyena ohamba phambili ngemidlalo eminingi ebholeni lase-Afrika, kwabesilisa nabesifazane. 

Ukwenze lokhu ngemuva kokudlala umdlalo wakhe ka-185 weNingizimu Afrika kowokuhlungela iWomen’s Africa Cup of Nations (Wafcon) ngoMsombuluko.

Kulo mdlalo iBanyana Banyana iwine ngo 2-0 ishaya iBurkina Faso. Kugcine kungu 3-1 sekuhlanganiswe imilenze emibili, iBanyana yazibekisela indawo kwiWafcon.

UJanine Van Wyk ubedlala umdlalo wakhe wokugcina egqoke imibala yeqembu lesizwe. 

Udlule u-Ahmed Hassan, wase-Egypt, obesephathe leli rekhodi isikhathi eside kusukela athi khumu ebholeni elikhokhelayo ngo-2012. Wamela izwe lakhe izikhawu ezingu-184.

Bakhona ke abakubone kuwukwenzelela ‘nokuphanisa ngemidlalo’ ukunikwa kukaVan Wyk ithuba lokwephula irekhodi lase-Afrika. 

Bebezeseka ngokuthi umdlali kumele abizwe kwiBanyana ngoba kumfanele lokho, hhayi ukuzophiwa imidlalo ukuze ephule irekhodi lase-Afrika.

Nokho kumele bakhumbule ukuthi uVan Wyk ulimele ngokwethembeka izwe lakhe, ngakho kumfanele ukuhlonishwa ngale ndlela. 

Ubevele esememezele ukuthi usethi khumu ebholeni ngakho angiboni kube wumbono omubi ukuthi anikwe imizuzu emibili emidlalweni emibili, bese angene emabhukwini omlando obalulekile ebholeni lase-Afrika.

Lokhu akuqali ukwenzeka kuleli njengoba inkakha, uDoctor Khumalo, yanikwa ithuba lokudlala umdlalo ka-50, yize yayingasabizwa njalo kwiBafana Bafana. 

Okubalulekile ukuthi akekho owafa ngalokho njengoba kungadlulanga muntu emhlabeni ngemuva kokunikwa kukaVan Wyk ithuba lokuvalelisa ebholeni ngokwephula irekhodi lase-Afrika.

Labo ababanga umsindo ngalokhu kumele baphole, bakhumbule ukuthi izingwazi ezifana noDoctor noVan Wyk kumele zihlale zihlonishwa ngeqhaza lazo kunobhutshuzwayo wakuleli. 

Akashayelwe ihlombe, abongwe, aphakanyiswe uJanine van Wyk ngokuba yiqhawe leminyaka kwiBanyana Banyana. Shwiii!