UBaloyi akasiboni isidingo somunye unozinti kwiChiefs
Ukudlebeleka kuka-Itumeleng Khune kubaphoxe kakhulu abaphathi beKaizer Chiefs abebehlezi bembuka njengesibonelo esihle eqenjini.
Kodwa emasontweni ambalwa edlule uKhune ubanjwe enotshwala egazini ngesikhathi behlolwa ejimini.
Lokhu, ngokusho kukaPatrick Tignyemb owayevimba kwiBloemfontein Celtic, kwenzeka ngemuva kokuba bempimpile ukuthi unuka utshwala.
UTignyemb uthi uzakwabo uBrandon Petersen owamuzwa enuka utshwala, wabe esetshela uKeagan Dolly owabe esetshela umqeqeshi.
Kumanje uKhune umisiwe futhi uzijimela yedwa ekhaya ngesikhathi elinde sinqumo seqembu ngaleli cala lakhe.
Lesi simo sibanike inselelo abaphathi ngoba bebembuka eyisibonelo futhi behlose ukumnika isikhundla uma esebabeke ethala amakhokho.
Lo nozinti osehlale iminyaka engu-20 kwiChiefs, ufake isithombe sakhe ejima ngokwakhe kwi-Instagram, wabe esesiphelezela ngmlayezo omncane, ‘Ukusebenza kanzima nokuzinikela.’
Ngemuva kwesigameko sakhe, kwehlukane imibono abanye bethi akavele asale eseliyeka ibhola noma iqembu limdedele.
Kodwa inkakha yeqembu eyayingunozinti, uBrian Baloyi akaboni kanjalo, ubona kusamele abuye alungise igama lakhe.
“UKhune, njengokaputeni weqembu, unenkinga yesisindo somzimba okuyinto edinga ayinake,” kusho uBaloyi kwabeSABC Sport.
“Ukungabambi umgqigqo kwakhe enkundleni nakho kuyakhathaza futhi kumele abe yisibonelo esihle eqenjini.
“Onozinti abasebancane kumele bafune ukufana naye, kodwa konke lokhu kuqala ngendlela enza ngayo enkundleni.”
UBaloyi uthi ngokwakhe asikho isidingo sokuthi iChiefs ifune omunye unozinti kodwa kumele kuvuke laba abakhona emaqandeni.
“UPetersen, ngeshwa, unokwenza amaphutha cishe umdlalo nomdlalo kanti uBvuma naye uma enikwe ithuba unakho ukuba namaphushana.
“Ukwelapha le nkinga yamaphutha yinto esekhanda njengoba kumele uqine ukuze ukwazi ukusheshe udlulise okwenzekile, ubheke okuzayo.
“Mina ngibona kumele bakwazi ukubhekana nezinselelo ezifana namaphutha. Ukuletha unozinti omusha yinto engenasidingo ngoba laba abakhona banalo ikhono.
FUNDA NALA: UNurkovic usabuhlungu ngendlela amchithwa ngayo kwiChiefs
“Okumele bakwenze nje wukunciphisa amaphutha, uma kwenzeke njalo, iqembu lingaba nesizini enhle.”