DStv PremiershipEzintsha

Izodlala ingekho imbawula iSwallows uma seyibhekene nePirates 

UTshegofatso “Imbawula” Mabasa, obolekiswe yi-Orlando Pirates kwiMoroka Swallows, ngeke alithole ithuba lokubhekana neqembu abegijima kulona ngesizini edlule emdlalweni womkhaya ngoLwesibili.

IZinyoni zizovakashela eZimnyama emdlalweni weDStv Premiership e-Orlando Stadium, ngo-7.30 kusihlwa. 

UMabasa uthole ikhadi eliphuzi lesine ngesikhathi bebhekene neKaizer Chiefs emdlalweni weligi ngesonto elidlule.

Lo mgadli obizwa Imbawula, ufike kwezwakala kwiSwallows njengoba eseshaye amagoli ayisithupha emidlalweni engu-13, kuyo yonke imiqhudelwano. 

Nakanjani uSteve Komphela ubengafisa ukuthi abe khona uma sebebhekene nePirates okuyiqembu elimbolekisile.

Lo mgadli useze waqanjwa igama lesidlaliso elithi iMbawula kwiSwallows ngendlela ashiya ngayo futhi ashiya kukhalwa ngayo la eseshise khona. 

Omunye umdlali weSwallows ozobe engekho kulo mdlalo uLantshene Phalane naye othole ikhadi eliphuzi lesine bebhekene neChiefs. 

Lo mdlali ungomunye walabo abahlale bekhona esikimini sikaKomphela selokhu kuqale isizini futhi usibamba ngokuzwana no-Andile Jali isisu kuleli qembu.

Nokho lo mqeqeshi angethembela kuGabadinho Mhango naye oke wayibamba kwiPirates ngaphambi kokuya kuMaZulu FC. 

Kukhona noDumisani Zuma odlala ngokuzwana noMhango njengoba bebendawonye kuSuthu.

IPirates nayo izoya kulo mdlalo ixhugela njengoba ezobe engekho uThabang Monare. 

Lo mdlali uthole ikhadi elibomvu ngesikhathi eZimnyama zibambana neRichards Bay ngo 0-0 emdlalweni weligi odlule.

UMonare wazihlaza ebamba umfana oqoqa amabhola esho ukumgila ngoba emsola ngokuthi uthatha isikhathi ukubuyisela ibhola enkundleni.