DStv PremiershipEzintsha

Alicaci ikusasa likaMarou kwiPirates, uMakaab ufuna ashiye

Imenenja yabadlali edumile kuleli, uMike Makaab useveze okungase kwenzeke ngomgadli we-Orlando Pirates njengoba kusondela iwindi likaJanuwari nje. 

USouaibou Marou ngomunye wabadlali abafike bebhekiwe kwiPirates kwazise ubesanda kugila izimanga kwelakubo eCameroon la abedlala khona kwiCoton Sport. 

Wafika kwiPirates ebuya eNdebeni yoMhlaba njengoba ayeyingxenye yeqembu lesizwe elicijwa uRigobert Song. 

Nokho usakuthole kunzima ukuzinza kwiBucs njengoba engakalinikwa ithuba elanele lokuzibonakalisa ukuthi uliphatheleni leli qembu. 

UMarou usadlale imidlalo eyisikhombisa kuphela kwiPirates kodwa ubengakalishayi igoli noma akhele uzakwabo ithuba lokushaya igoli. 

Lo mgadli omude oneminyaka engu-22 uyibanga noZakhele Lepasa, Evidence Mkgopa, Kermit Erasmus no-Eva Nga wangakubo eCameroon.

ULepasa noMakgopa yibo ababonakala besezinhlelweni zikaJose Riveiro njengamanje njengoba eshintshanisa bona ekuqaleni imidlalo. 

Okwamanje, nangendlela izinto ezime ngayo, uMarou akabonakali esezinhlelweni zikaRiveiro. 

Imenenja yakhe, uMakaab, isiveze ukuthi uMarou uzoyozama ukuthola ukudlala njalo kwenye indawo ngokucela ukukhululwa kwiPirates. 

“Sizoyixoxa nePirates le ndaba (yekusasa likaMarou). Uyakudinga nakanjani ukushiya ayothola ukudlala njalo engxenye,” ucashunwe esho kanje uMakaab kwiFARPost. 

Khonamanjalo, iPirates izogadulisana nomkhaya bayo iMoroka Swallows e-Orlando Stadium ngoLwesibili kusihlwa emdlalweni weDStv Premiership. 

IPirates iyakudinga ukunqoba ikakhulukazi njengoba isekhaya, ukuze ibuyele emjahweni wesicoco seligi esibonakala sizohamba neMamelodi Sundowns.

Leli qembu yilo ebelibhekwe ukuba libangise iSundowns lesi sicoco njengoba ngesizini edlule liqede endaweni yesibili futhi lisemgqigqweni omuhle. 

Nokho kule sizini lindikindiki nje, alikwazi ukubamba umgqigqo owodwa isikhathi eside okuyinto edingeka emidlalweni yeligi.