DStv PremiershipEzintsha

Iyashayeka nayo iSundowns, kusho uLakay weSuperSport

Ngesikhathi iSuperSport United igcina ukushaya iMamelodi Sundowns uLyle Lakay nguye owenza iphutha elaholela egolini eyanqoba ngalo. 

Futhi kwaba ngumdlalo wakhe wokugcina kuMasandawana ngaphambi kokuthi adedelwe, aye kwiSuperSport le asedlala kuyo manje. 

Kuzobe kungokokuqala ebhekana naleli qembu lakhe lakudala kanti ngokujwayelekile esimweni esinjena umdlali usuke efuna ukuzibonakalisa. 

Usuke efuna leli qembu lakhe lakudala libone ukuthi kwenzeka iphutha ukuthi limdedele. 

Nokho uLakay uthi yena akukho lokho kuye, lo mdlalo uwubuka njengayo yonke nje eminye. 

“Akukho engingathi ngifuna ukubabonisa khona, ukukhuluma iqiniso nje,” kusho uLakay kwabePhakaaathi kuleli sonto.

“Uma ungumdlali usuke ubheke ukuqhubekela phambili ngempilo ngoba akumele ubambelele kosekudlule. 

“Ngaphoxeka khona ngesikhathi kwenzeka. Kodwa siyazamukela lezi zinto bese sidlulela phambili. 

“Ngazitshela ukuthi nami ngavulelwa u(Tebogo) Langerman isikhala eqenjini, nami siyofika isikhathi sokudedela omunye.” 

ISuperSport neSundowns bazogadulisana emdlalweni weDStv Premiership eLucas Moripe Stadium ngoLwesibili ngo-7.30 kusihlwa.

ISundowns ayiyazi induku emidlalweni yeligi kule sizini kanti uLakay ubona bengakwazi ukuba yiqembu lokuqala ukukujika lokho.

“Bayashayeka kodwa izinga bona balinyuse kakhulu futhi yilona qembu wonke umuntu ofisa ukulishaya kuleli,” kusho yena. 

“Sengike ngaba laphaya futhi ngiyayazi into engikhuluma ngayo, kodwa kuzomele sizilungiselele kahle. 

“Kulo mdlalo wangesizini edlule bakwazile (iSuperSport) ukushaya iSundowns futhi ngangikhona kulowo mdlalo. 

“Ngiyakhumbula ukuthi yimi owenza iphutha elaholela egolini. Yize sibancoma ngezinga labo, kodwa singabashaya. 

“Uma ungabacela nje bakuhlebele, bengakutshela ukuthi iqembu elibanika inkinga kakhulu kule minyaka emibili edlule yiSuperSport.”