DStv PremiershipEzintsha

Inzima umpilo kuManganga owayedlala kwiLeopards

Usezibona ebhekwe yisambane umdlali owake wagijima kwiBlack Leopards okumanje akazi kwakuthi imali yerenti izovelaphi njengoba kuphela inyanga nje. 

Lo mdlali wasemuva, uJean Munganga usenonyaka wonke engenalo iqembu, kanti uthi kwamali abeyonga seyize yaphela. 

UMunganga, oneminyaka engu-33 wagcina ukudlala ibhola elikhokhelayo ngesikhathi ekwiTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM) ngesizini ka-2019/20. 

Ngokubika kweLimpopo Mirror,  lo mdlali wasemuva uveze ukuthi uzame inhlanhla emaqenjini amaningi ehluekne kwiDStv Premiership. 

Kodwa alikho elamnika inkontileka. UMunganga ube esenquma ukuyobheka nakwiMotsepe Foundation Championship ukuze athole okokuxosha ikati eziko. 

Kodwa nakhona kufike kwabheda, amashwa amlandela. UMunganga uveze ukuthi useyiqede yonke imali abeyonga, kumanje sekunzima ngisho ukukhokhela umqasho. 

Kubukeka sengathi lo mdlali uzogcina ephoqeleke ukubuyela kwelakubo eDemocratic Republic of Congo njengoba elandelwa yishwa nje.