DStv PremiershipEzintsha

UBaloyi ufuna iChiefs iyeke ukucucuza, ilande uPitso

Owayengunozinti weKaizer Chiefs, uBrian Baloyi usenxenxe iKaizer Chiefs ukuthi yenze konke okusemandleni ukuthola uPitso Mosimane. 

IChiefs isemkhankasweni wokufuna umqeqeshi njengoba isanda kuxosha uMolefi Ntseki ngenxa yokugqoza kwemiphumela. 

Okwamanje kubambe uCavin Johnson kulesi sikhundla ngesikhathi iqembu lisacinga omunye umqeqeshi. 

UMosimane akanaqembu asebenza kulo njengamanje kulandela ukushiya kwakhe kwi-Al Wahda yase-UAE. 

Uveze ukuthi usafuna ukuthola isikhashana, ake aphumule ukuze alulame ngokuphelele. 

UMosimane uke waxinwa wukugula okungadalulwanga emavikini ambalwa edlule ngaphambi kokuthi ashiye kwi-Al Wahda. 

UBaloyi, owayengaconsi kubalandeli ngezikhathi zakhe, uthi akamboni omunye umqeqeshi ongavusa iChiefs ngaphandle kukaPitso.  

“Uphezulu ohlwini lwami,” ucashunwe esho kanje uBaloyi kwiSowetan kuleli viki. 

“Empeleni ne nje usendaweni yokuqala, eyesibili, eyesithathu neyesine ohlwini lwami lwabaqeqeshi abangacija iChiefs. 

“Angimboni omunye ofanelwe yilo msebenzi,” kuchaza uBaloyi owake wavimba nakwiMamelodi Sundowns. 

“Uma befuna ukukubeka kucace ukuthi bazimisele ngokwakha kabusha iqembu, abahambe bayolanda uPitso. Abenze konke ukumthola.”

Nokho ke kubukeka kuzoba nzima ukuthi iChiefs imlalele uBaloyi njengoba sekuke kwavela ukuthi kuningi okuyenza imenqene lo mqeqeshi. 

Ngaphezu kokuthi usehola imali enkulu kusukela ashiya kwiSundowns, okunye okuthiwa abaphathi beChiefs abakuthandi wukuthi ufika nethimba lakhe lonke. 

“Yilokho vele abaqeqeshi abaphezulu emhlabeni abakwenzayo,” kuchaza uBaloyi. 

“Phambilini bekwenzeka lokho kwiChiefs, kufika abaqeqeshi base-Europe behamba namathimba abo. 

“Ukuba lokhu sesakwamukela eNingizimu Afrika ngabe asinawo lo mkhuba wokushintshwa kwabaqeqeshi njalo. 

“Abaqeqeshi kumele basebenze nabantu babo. Ngiyabanxusa abaqeqeshi kwiPSL ukuthi balandele le ndlela esentshenziswa uPitso.”