IPirates isimise uLorch olahlwe yicala lokushaya
UThembinkosi Lorch, osanda kugwetshwa iminyaka emithathu ngecala lokushaya owesifazane, usephinde wathola esinye eqenjini adlala kulo, i-Orlando Pirates.
Leli qembu lalikade lithe lizothatha esalo isinqumo ngokuthi lizomhlawulisa kanjani uLorch ngaleli cala.
Sekuthe ngoLwesithathu ntambama, lasikhipha esalo isigwebo esibhekiswe kulo mdlalo.
Lokhu kulandela ukuthi uLorch egixabezwe yinkantolo kaMantshi waseRandburg ngeminyaka emithathu ebhadla ejele, kodwa walengiselwa lesi sigwebo.
Silengiswe iminyaka emihlanu kanti umbandela wakhona uthi engatholakali esecaleni elifanayo kule minyaka.
ULorch uphinde wahlawuliswa nesamba sika-R100 000, wakhokhiswa u-R50 000 ngaso leso sikhathi, kwabe sekuthiwa enye uzoyiqedela ngokukhokha o-R10 000 njalo ngenyanga.
Le mali uzoyikhokha enhlanganweni elwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane, iPeople Opposing Women Abuse (Powa).
IPirates yona ikhiphe isigwebo sokummisa ekuzihlanganiseni neqembu amaviki amathathu.
“I-Orlando Pirates Football Club isikubonile ukuphothulwa kwezinyathelo zomthetho ezithinta umdlali wethu, uThembinkosi Lorch,” kusho iPirates esitatimendeni.
“Ngokuhambisana nemithetho nezifungo ze-Orlando Pirates, okwakuvezwe esitatimendeni ikilabhu eyasikhipha ngesikhathi kuqala ukuqulwa kwecala, ikilabhu isiqala inqubo yayo yangaphakathi.
“I-Orlando Pirates Football Club ngaso sonke isikhathi ilandela isibophezelo sayo sokugcina ubudlelwano nomqashi nesisebenzi.
“Iqembu lisingatha ukuphathwa kwezobulungiswa ngendlela egwema ubungozi bokuthi umdlali azoithole esejeziselwa icala elilodwa kabili.”
IPirates ibe seyiveza ukuthi uLorch uzoma ekuzihlanganiseni neqembu kuze kube nguDisemba 12.
“Iqembu selimqhelisile uThembinkosi Lorch kuyo yonke imisebenzi yeqembu kuze kube uDisemba 12.
OLUNYE UDABA: IFifa kumele yenze kangcono ngezinkundla – Broos
“I-Orlando Pirates Football Club ibonga abaxhasi bayo, abalandeli nomphakathi wonkana ngethuba enisinike lona ekuqinisekiseni ukuthi umthetho nezinseko zeqembu akuphazamiseki.”