IFifa kumele yenze kangcono ngezinkundla – Broos
Ukhale ngesimo senkundla umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos, wnxusa iFifa ukuthi iqinisekise ukuthi isimo sezinkundla sisezingeni elifanele.
Uthe isimo sale nkundla abadlalele kuyo ngoLwesibili besingekho esimweni sokudlala umdlalo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba.
IBafana ikhale ngaphansi ishaywa yiRwanda ngo 2-0 eHuyo Stadium, okuyinkundla enotshani bokwakhiwa, okungebona obemvelo.
UBroos uthi lokhu kwenze kwanzima kubadlali bakhe ukuthi badlale ibhola abalijwayele ngoba ibhola libhampa kakhulu kulobu tshani.
Okwenze isimo saba sibi kakhulu wukuthi nemvula ishiye amadamu amanzi kule nkundla, iBafana ayangakwazi nhlobo ukumelana naleso simo.
Manje uBroos uwukhomba kwiFifa umunwe, uthi iFifa yiyo okumele iqaphelisise ukuthi izinkundla okudlalwa kuzo zisesimweni esifanele nesingenzeleli.
“Kuyamangaza ukuthi umdlalo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba udlalelwa enkundleni enjena,” usho kanje uBroos ngemuva komdlalo.
“Akufanele. Kodwa ke kulungile, sekwenzekile futhi ngicabanga ukuthi iFifa kumele iqinise imithetho ngezinkundla okudlalelwa kuzo.
“Sikhuluma ngebhola elikhokhelayo lapha, sikhuluma ngemidlalo yokuhlungela umqhudelwano omkhulu kunayo yonke (emhlabeni), bese udlalela enkundleni enjena.
“Akujwayelekile lokhu ukuthi ufike ezweni bese uhamba amahora amathathu ngebhasi ukuze ufike lapho uya khona.
“Ngeke ngithi lokhu yikho okwenze sahlulwa kulo mdlalo, kodwa ngicabanga ukuthi lezi yizinto okumele zishintshe.
“Sisezingeni lebhola elikhokhelayo ngakho izinkundla kumele zibe sezingeni elifanele.
“Akumele wenze izimbangi zakho zihambe amahora amathathu zisuka esikhumulweni sezindiza ziya la kudlalelwa khona.
“Lokhu kuyimibono uami, akuhlangene nokuhlulwa kwethu namuhla,” kuchaza lo mqeqeshi.
Ukuhlulwa kweBafana kuyenze yehlela endaweni yesibili eqoqweni layo njengoba inamaphuzu amathathu.
Yashaya iBenin ngo 2-1 eThekwini ngempelasonto njengoba seyithoel isibhaxu kulo wangoLwesibili.
OLUNYE UDABA: UKannemeyer uthi ayikho indaba yeligi yakuleli
Imidlalo elandelayo yeBafana kuzoba ngeyeCaf Africa Cup of Nation ezodlalelwa e-Ivory Coast ngoJanuwari.