UMudau usagxile kwiDowns, kodwa angajabula ukuya phesheya
Ukudlala kahle kukaKhuliso Mudau kwiMamelodi Sundowns nakwiBafana Bafana sekumenze waba ngomunye wabadlali abaphambili ebholeni kuleli.
Kumanje kunamahlebezi okuthi kunamaqembu aphesheya amfunayo lanti kuwo kukhona iBurnely yase-England.
Leli qembu livele linaye umdlali wakuleli emabhukwini alo okunguLyle Foster osahlabe ikhefu ebholeni okwamanje.
UMudau waziveza njengomdlali ophambili ngesikhathi iBafana ibhekene ne-Ivory Coast emdlalweni wobungani ngenyanga edlule.
Washiya umqeqeshi we-Ivory Coast engawuvali umlomo, emangazwa nawukuthi uMudau usadlala eNingizimu Afrika.
Lokhu kufake ingcindezi kwimenenja yakhe ukuthi imzamele iqembu phesheya ngokushesha kwazise neminyaka ayisamvumi kahle njengoba ena-28 nje.
UMudau uziphendulele ngamahlebezi okuthi uyafuneka kwiBurnely edlala kwi-English Premiership, okungenye yamaligi amakhul emhlabeni.
“Impela akhona amahlebezi lapha nalaphaya kodwa okwamanje ngigxile eqenjini lami okuyiMamelodi Sundowns.
“Kodwa ke uma livela ithuba elifana nalelo, nakanjani ngeke ngiliyeke,” usho kanje uMudau kwabeSafa Media.
Lo mdlali wasemuva kwesokudla kumanje usekhempini yeBafana le eRwanda.
IBafana izogadulisana neRwanda ngoLwesibili kusihlwa emdlaweni wayo wesibili kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.
Leli qembu likaHugo Broos liqhwakele eqoqweni lalo futhi izinto zibukeka zilihambela kahle.
Uma lingashaya iRwanda lingavula igebe lamaphuzu amane kuleli qoqo lalo, libe sethubeni elihle lokungena eNdebeni yoMhlaba.
FUNDA NALA: Maningi ahalela uMakaringe oselizwa ngendaba ijezi kwiBucs
UMudau, owaziwa ngelikaSailor ebholeni, ushaye igoli lesibili ngesikhathi beguqisa iBenin ngo 2-1 ngempelasonto. Elokuqala lishaywe uPercy Tau.