UKannemeyer uthi ayikho indaba yeligi yakuleli
UDavid Kannemeyer, owazakhela igama kwiCape Town Spurs neKaizer Chiefs, usola ubuvaka emaqenjini adlala kwiDStv Premiership.
UKannemeyer uthi ukusheshe avume ukulahla ithemba ngesicoco sePremiership kukhombisa ukuthi angamavaka kangakanani.
“Kuyadumaza nje. Amaqembu aphonsa ithawula ngesicoco seligi imidlalo isephansi kanjena,” kusho uKannemeyer.
“Kuyangidumaza ngempela lokhu okwenzakalayo. Buka nje iMamelodi Sundowns isadlale imidlalo eyisishiyagalombili nje kuphela kodwa inamaphuzu angu-24.
“Kunamaqembu asedlale imidlalo engu-13, 12, noma 11, kodwa anamaphuzu amancane.
“IMamelodi Sundowns idlala imidlalo yeCAF Champions League njengoba isanda kunqoba i-African Football League (AFL).
“Kodwa lawa amanye amaqembu ahlulekile kumanje njengoba engalivalanga igebe iSundowns ingekho,” kuchaza uKannemeyer.
Usole kakhulu izinkunzi zaseSoweto iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, wathi abadlali balamaqembu bazidlela imali mahhala nje.
“Amaqembu afana neKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates anabadlali abahle impela futhi abaholela imali enhle.
“Kodwa bashaya udaka, akusemnandi nhlobo ukubuka ibhola leDStv Premiership ngoba uyazi ukuthi isicoco ngeseSundowns.”
UKannemeyer wadlala kwiSpurs ngaphambi kokuba adlulele kwiChiefs neMamelodi Sundowns.
OLUNYE UDABA: Iphinde yabhacaza iBafana ishaywa yiRwanda
Wayekhona eqenjini elahlula iBrazil emdlalweni wama-Olympics, futhi leli nxele layibamba naseqenjini lesizwe elikhulu iBafana Bafana.