Iphinde yabhacaza iBafana ishaywa yiRwanda
Ibuyele esitayeleni sayo sakudala iBafana Bafana iphoxa ithenjiwe ishaywa yiRwanda emdlalweni wokuhlundela iNdebe yoMhlaba.
IBafana yiyo obekubhekwe ukuthi iphume nomphumela kulo mdlalo obuseHuye Stadium kodwa yajikelwa yiRwanda ivulela isibhaxu sika 2-0.
Lokhu kwehlisele iBafana endaweni yesibili eqoqweni layo njengoba isenamaphuzu amathathu.
IRwanda yiyo eqhwakele njengoba seyinamaphuzu amane ngemuva kokubambana neZimbabwe emdlalweni wokuqala.
Njengoba iqembu okuyilona elisatshwayo eqoqweni leBafana, iNigeria iyiqale kabi le midlalo, bekubhekwe iNingizimu Afrika isebenzise ithuba.
INigeria idlale ngokulingana neLesotho ngeviki elidlule, yaphinde yabanjwa yiZimbabwe ngeSonto.
Kuvele kwasheshe kwacaca ukuthi iBafana ihambe kabi ngesikhathi iRwanda ishaya amagoli amabili esiwombeni sokuqala.
Kumele kucaciswe nokuthi nenkundla beyingakuvumeli ukuthi iBafana idlale ngendlela efisa ngayo.
Le nkundla obekudlalwa kuyo inotshani mbumbulu, kanti nemvula eyidlive ngaphambi komdlalo yenze kwamanzi.
Lokhu kwenze iBafana ihluleke ukuhlanganisa iminyakazo ebonakalayo njengoba ibhola belingafiki la beliphasa khona.
Bekungumzuzu ka-12 ngesikhathi uNkosinathi Sibisi enza iphutha, wadedela u-Innocent Nshuti wayobhekana nonozinti.
Naye uRonwen Williams uthe uyazama ukuphuma ayozama ukumhlangabeza uNshuti, kodwa wamphambanisa nalo.
Ngomzuzu ka-28 kubuye uGilbert Mugisha, wayishayela igoli elibalulekile iRwanda ebeliyinika intuba yokuphefumula.
Esiwombeni sesibili ezikaHugo Broos zibuye seyidlala kangcono futhi seyizama nokuhlanganisa iminyakazo yokuhlasela.
UThemba Zwane ube nethuba elihle ephaselwa uMihlali Mayambela engaphakathi ebhokisini futhi engamakiwe, kodwa washaya into ebheke entalashishi.
FUNDA NALA: UChickelday usenesifiso sokubuya kwiPirates
Lokhu kwenze kwacaca ukuthi izinto aziyivumi nhlobo iNingizimu Afrika njengoba neminye imizamo yayo ingayanga ndawo.