USeema usesheshe wavuka ngomunye umsebenzi
ISekhukhune United isikuqedile ukuqagula njengoba isiqashe uLehlohonolo Seema njengomqeqeshi wayo omusha.
Isitatimende esikhishwe yileli qembu laseLimpopo yiso esiqinisekise lezi zindaba ngoMqombuluko emini.
“ISekhukhune inentokozo ukwethula ukuqashwa kukaLehlohonolo Seema njengomqeqeshi kusukela manje,” kusho leli qembu esitatimendeni.
Liqhube lathi liyamethemba lo mqeqeshi ukuthi yindoda ezokwazi ukuwenza kahle umsebenzi wokuqinisekisa ukuthi iqembu lenza kahle kwiCaf Confederation Cup nakwiDStv Premiership.
USeema, oshiye kwiPolokwane City ngoba ekhala ngethuba lokuba nomndeni wakhe kulandela ukushona kukayise, uthe ulijabulele leli thuba.
Lo mqeqeshi ubenza umsebenzi obonakalayo kwiCity, kodwa wamangaza abaningi esevele eshiya nje isigubhukane.
Kodwa Impempe yabe seyithola ukuthi lokhu kungenxa yokuthi usethole umsebenzi omusha kwiSekhukhune.
“Ngithathe ithuba ngibonge usihlalo uSimon Malatjie ngaleli thuba lokuhola iqembu lakhe,” usho kanje uSeema.
“Ngbonga kakhulu indlela izingxoxo phakathi kweqembu nemenja yami ezihambe ngayo ngendlela enenhlonipho.
“Kuningi ke okuzayo ngakho kumele ngibambe umsebenzi ngokushesha. Angifuni ukwenza izithembiso.
“Kodwa engingakusho wukuthi ngizokwenza okusemandleni nangokuzimisela,” kwengeza uSeema.
ISekhukhune iveze nokuthi uMcDonald Makhubedu, obebambile ngemuva kokushenxiswa kukaBrandon Truter, uzobuyela ekubeni yiphini.
USeema ngumqeqeshi osemncane kodwa osenamava njengoba eseke wasebenza emaqenjini amaningi ehlukene okukhona kuwo iBlack Leopards neChippa United.
Nokho yiqembu lakhe lokuqala leli elinabadlali abasezingeni eliphezulu futhi elinezifiso ezinkulu ebholeni.
OLUNYE UDABA: UMotaung uthi basindwa yijezi abanye abadlali kwiChiefs
Mningi ke umsebenzi omhlalele njengoba leli qembu kumanje lisendaweni ka-12 kwiDStv Premiership, okuyindawo engalifanele uma ubheka uhlobo lwabadlali elinanbo.