DStv Premiership

UMotaung uthi basindwa yijezi abanye abadlali kwiChiefs

UKaizer Motaung, ongusihlalo weKaizer Chiefs, uthi kunabadlali ababathenga kwamanye amaqembu beshisa, bafike basindwe yijezi kuleli qembu lakhe. 

Uthi usiko nomlando lwaleli qembu kuyenzeka kube yinto eba ngaphezu kwamandla kwabanye abadlali.

UMotaung uthi uma umdlali efika kwiChiefs, bamhlalisa phansi bese echazelwa kahle ngosiko lweqembu nalokho okulindeleke kuye. 

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nezinkakha zeChiefs emcimbini abezimemele kuwo eFNB Stadium. 

“Kodwa laba badlali abashaya udaka basuke behlulwe ukubamba isiko laMakhosi,” kusho uMotaung. 

“Mina ngiyabatshela ngomdlali weshumi nambili enkundleni (abalandeli),” kuchaza uMotaung. 

Uphinde waveza ukubethemba kwakhe ubuhoi bendodana yakhe encane, uKaizer Junior ukuthi buzolisa phambili iqembu.

“Ngikholwa wukuthi lokhu akushilo (uKaizer Junior) kuyezwakala. Sengidlulisele kubo ukuthi baqhubeke nalolu hambo. 

“Ngakho, umthwalo sewusemahlombe abo manje, mina ngizogada nje ngihlezi eceleni, ngilekelele lapho ngingakhona khona. 

“Ngizobaseka kwabakwenzayo ukuqinisekisa ukuthi iqembu liyaqhubeka nokukhula ngamandla.” 

Ubonge nabalandeli ngokukhulisa iqembu lize libe yile nkunzi eliyilo ebholeni lakuleli. 

“Engingakusho nje kubalandeli wukuthi, ‘ngiyabonga kakhuku ngokuseseka kule minyaka, qhubekani neseke iqembu enilithandayo’. 

“Ukubekezela okuncane nje kungaba wusizo kakhulu, sisezingeni lokwakha kabusha njengamanje. 

“Futhi sifuna ukuqhubeka nohambo, siqinisekise ukuthi iqembu liba yimpumelelo futhi liyaqina. 

“Kodwa kulokho sithembele kumandla abalandeli, futhi siyababonga ngokuseseka kwabo.” 

IChiefs aziyihambeli kahle izinto nakule sizini njengoba iwashiswe ijezi kwiMTN8 nakwiCarling Knockout Cup.

NakwiDStv Premiership isadonsa kanzima njengoba isendaweni yeshumi kumanje.

Inamaphuzu angu-14 ewathole emidlalweni engu-12. Izobuyela enkundleni ngeSonto isiyobhekan neMoroka Swallows eDobsonville Stadium emdlalweni weligi.