DStv PremiershipEzintsha

UMlambo ‘obhayiziswe’ yiGalaxy uveza ubunzima abhekene nabo 

UXola Mlambo ngomunye wabadlali abanekhono elihle kuleli kodwa ababukeka belandelwa yishwa njengoba engahlali nje emaqenjini. 

Lo mdlali wasesiswini wazakhela igama kwiChippa United ngaphansi kukaDan Malesela, waheha amehlo e-Orlando Pirates. 

Nakhona wafike wadlala kahle wagcina eyintandokazi yabalandeli, kodwa wadedelwa kungazelele muntu. 

Wabe esecoshwa AmaZulu FC futhi wafike waba ngomunye wabadlali abangumgogodla weqembu, kodwa nakhona kwabuye kwabheda. 

Kubukeke esesendaweni engcono ngesikhathi esayinwa yiTS Galaxy kwazise unobudlelwano obude noTim Sukazi ongumnkazi waleli qembu. 

Kodwa nakhona akusaphelanga kahle njengona kumanje engazi noma usenayo inkontileka naleli qembu noma cha. 

UMlambo wagcina ukudlala kwiGalaxy ngoMeyi, uthi ngemuva kwalokho wakhishwa eqenjini eliya emidlalweni, watshelwa ukuba azijimele ngayedwana eceleni. 

“Sasizoyodlala umdlalo wayekhaya eMpumalanga, ngakho sasizilungiselela njengokujwayelekile. 

“Ngabona ukuthi igama lami alikho ohlwini (lwabadlali abaya emdlalweni),”  kusho uMlambo kuRobert Marawa muva nje. 

“Awubuzi ke uma igama lakho likhishiwe kulawo abadlali abaya emdlalaweni. 

“Kusuke kungukuthi mhalwumbe awenzanga kahle (ejimini) ukuthi uqokwe…

“Ngabe sengithola umlayezo ovela kwimenenja uthi umqeqeshi uthe ngingabuyi eqenjini lakhe.” 

UMlambo uthi ngemuva kwalokho wajinyiswa yedwa futhi watshelwa ukuthi inkontileka izonqanyulwa. 

“Njengamanje kubukeka sengathi anginaqembu, (kodwa) ngeshwa nencwadi engikhululayo anginayo. 

“Akukho lutho olwenzekayo ngoba angikho eqenjini futhi angoholelwa,” kuchaza lo mdlali. 

Uthi ngesikhathi bexoxa ngokunqanyulwa kwenkontileka, abavumelanga ngokuthile, kwama lapho ke kuze kube manje.

“Kwaxoxiswana ngoba babefuna ukunqamula inkontileka, kodwa asangavumelana. 

“Kubuhlungu… Lesi simo sinzima. Akumnandi ukuncishwa ithuba lokwenza into oyithandayo.

“Kubuhlungu ukungakwazi ukwenza into oselokhu waqala ukuyenza umncane futhi oyenze impilo yakho yonke.”